Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Iqulu labantu elisolwa ngokuba abavukuzi abangekho emthethweni belidinwe ligane unwabu ngesikhathi lijikijela amaphoyisa ngamatshe lizama ukuvimba ukuthi abophe umphathi walo ngoMgqibelo.
UTomas Nelson Muiambo (53) wase-Mozambique ubefike emijondolo yase-Everest e-Ekurhuleni ezokhokha umholo wozamazama ngesikhathi amaphoyisa egasela.
Amaphoyisa avike amatshe ngesikhathi ejaha uMuiambo endaweni ehlala abantu, kanti agcine ekwazile ukumbamba amfaka ozankosi, kodwa abasebenzi bakhe bebefuna ukuthi adedelwe.
Esinye isakhamuzi esidinwe sigane unwabu, esiphinde sibe eqenjeni labavukuzi abangekho emthethweni sithe besikhathazeke ngemali yabo kuphela njengoba besifuna ukuthi kudedelwe umphathi wabo.
Oseqenjini labavukuzi abangekho emthethweni utshele i-Scrolla. Africa ukuthi udinga imali yokondla izingane zakhe nokuthi umndeni wakhe ubulindele imali ngalolu suku okwenzeka ngalo isigameko.
“Ngizokwazi kanjani ukuhlangabezana nezidingo zabo? Akekho ofuna ukusiqasha futhi izimayini ezingekho emthethweni kuphela esingaphila ngazo kuleli.”
Omunye uthe sebekhathele ukwesatshiswa ngamaphoyisa.
“Asihlukumezi muntu, kodwa sizama ukuphilisa imindeni yethu.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Springs uSayitsheni Themba Tshabalala, uthe amaphoyisa akhombe imoto yohlobo lwe-Mazda 3 ebomvu ebinabagibeli ababili abebebonakala besolisa.
Bazamile ukumisa imoto, kodwa abasolwa bangama okuphoqe amaphoyisa ukuthi abajahe.
Abasolwa bamiswe ngemuva kwebanga elingamamitha angu-300 ukusuka lapho obekuvinjwe khona umgwaqo, okuthe uma amaphoyisa ebayalela ukuthi behle emotweni basuka ngesivinini.
UTshabalala uthi amaphoyisa ajahe abasolwa abazame ukuchiliza amaphoyisa kaningi emgwaqeni. Abasolwa bagcine bengene emjondolo yase-Everest.
Abasolwa kuthiwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni nawo aziphindiselela ngokudubula amasondo emoto. Imoto yomsolwa ibe isibhajwa emgwaqeni onodaka.
Umsolwa uzame ukubalekela ukuboshwa njengoba evele wagxuma waphuma emotweni ehlomile ephethe isikhwama esimnyama esigcwele imali.
UTshabalala wengeze ngokuthi uMuiambo uboshwe endaweni yesigameko kanti umsolwa wesibili onguChamone Tkhuqwela ukwazile ukuphunyuka kanti usagcwele amathafa.
UMuiambo ubhekene namacala okuzama ukubulala nokushayela budedengu. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Springs ezinsukwini ezizayo.
Isithombe esingenhla esomphathi wezimayini ezingekho emthethweni oboshwe e-Everest Informal Settlement
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo