Amaphoyisa abophe izigebengu ebezihlela ukuyophanga

Everson Luhanga

Amaphoyisa ase-Hillbrow abambe abasolwa abayisikhombisa abebehlome ngezibhamu ngoLwesibili ngemuva kokulunywa indlebe ngokuthi lezi zigebengu zisendleleni ziyogebenga isitolo esikhulu.

Kulaba basolwa kukhona nebhungu elineminyaka engu-19 nabanye abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-39.

Okhulumela amaphoyisa ase-Hillbrow uSayitsheni Mduduzi Zondo uthe abasolwa bebepake itekisi yohlobo lwe-quantum komunye wemigwaqo e-Hillbrow kanti bebehlela ukugasela esitolo esikhulu esiseduze.

“Amaphoyisa alunywe indlebe mayelana nabasolwa abebehlela ukugebenga isitolo esikhulu esisenkabeni yedolobha laseGoli,” kusho uZondo etshela i-Scrolla.Africa.

“Amaphoyisa abuke imoto efana naleyo echazwe njengesetshenziswa abasolwa,” esho.

Uthe ngesikhathi abasolwa sebehamba ngemoto, amaphoyisa asuke ngokushesha ababamba.

“Omunye wabasolwa obehlezi esihlalweni esingaphambili uphume emotweni wagijima ngezinyawo.”

Kodwa bonke abayisikhombisa abebehleli ngemuva baboshiwe bayiswa esiteshini samaphoyisa e-Hillbrow lapho abathweswe khona icala lokwakha itulo lokubamba inkunzi kanye nelokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

UZondo uthe abasolwa ababili bazinze e-Katlehong, e-Ekurhuleni kanti abanye bahlala maphakathi nedolobha laseGoli.

“Iningi labo lihlala kwelinye lamabhilidi anezinkinga e-Berea. Leli bhilidi laziwa ngokuhlala izigebengu eziyingozi,” esho.

Uthe abasolwa bazocutshungulwa ukuze kubonakale ukuthi abaxhumene yini nobunye ubugebengu.

“Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili, esinye sisuswe inombolo yefayela. Esinye isibhamu sisenayo inombolo yefayela.”

UZondo uthe bonke abasolwa bazovela eNkantolo yesiFunda saseGoli ngoLwesine.

Izihloko zakamuva