Amaphoyisa abophe izigebengu ashaqa nezimpahla zomgunyathi

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

I-Operation Okae Molao, ehunyushwa ngokuthi “Uphi umthetho?” iqhubekile enkabeni yedolobha laseGoli ngoLwesine ekuseni yabopha abantu abangu-1,107 abasolwa ngokwephula umthetho.

“Kuleso sibalo abangu-261 bahlobene nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, ababili ngokudayisa izidakamizwa ngesikhathi ababili benecala lokutholakala nempahla eyebiwe,” kusho uMajor General Tommy Ntombela wakwa-SAPS etshela i-Scrolla.Africa.

Ngehora lesithupha ekuseni ithimba le-SAPS Tactical Response Team, onogada abazimele behhovisi lenxusa laseMelika, abezokuphepha basekhaya abakhethekile okuhlanganisa nethimba lamaphoyisa omgwaqo akwa-SARS kanye namaphoyisa omgwaqo aseGoli bangene emafulethini aphakathi komgwaqo u-Bree no-Delvers eGoli.

Kushaqwe inqwaba yezimpahla zomgunyathi. Le mpahla ibihlanganisa umkhiqizo mbumbulu we-Louis Vuitton, i-Gucci, i-Rolex, i-Nike, i-Adidas kanye nokunye.

Izinto ezinjengezicathulo, izikibha, izingubo zokugqoka kanye namawashi zitholwe emashalofini nangaphansi kwesakhiwo emafulethini. Kuboshwe okungenani abasolwa ababili mayelana nempahla ethengiswayo engekho emthethweni.

Ngokusho kukaNtombela ilinganiselwa ku-R3.2 million imali eyenziwa ngokungemthetho.

“Kusenezindawo eziyisizinda ezisazohanjelwa njengoba uqhubeka lo mkhankaso,” esho.

“NgoMgqibelo odlule ngesikhathi imvula ina sigasele kubadayisi abangekho emthethweni saphinde sathola izimpahla ezingekho emthethweni zenani elingaphezu kuka-R12 million.”

Kwenziwe isivimbamgwaqo ku-M31 ngaphambi nje kwe-offframp yase-Doornfontein e-Hillbrow.

Lokhu bekuwukumisa nokusesha izimoto ukuze kubhekwe izibhamu nezidakamizwa ezingekho emthethweni, ukuhlola isimo sokuthuthela kwelinye izwe nokuthi kuphenywe izincwadi ezigunyaza ukuboshwa nokushayela uphuzile.

“Kulezi zivimbamgwaqo kuboshwe abaphuma emazweni angaphandle abangaphezu kuka-110 abazodluliselwa eMnyangweni wezaseKhaya ukuze bacutshungulwe. Labo abalapha ngokungemthetho bazodingiswa ngokomthetho we-Immigration Act,” kusho uNtombela.

Esithombeni esingenhla: I-Operation Okae Molao

Umthombo wesithombe: Khaya Ndaba

Izihloko zakamuva