Amaphoyisa abophe iqembu lezigelekeqe zamadoda angu-44

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa ase-Gauteng abophe amadoda angu-44 asolwa ngokugasela endaweni egcina impahla e-Kempton Park antshontsha utshwala bezigidi zamarandi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng, uLieutenant-Colonel Mavela Masondo, uthe amaphoyisa ase-Gauteng esebenzisana nonogada abazimele, avimbe abopha lezi zigelekeqe ngesikhathi zilayisha utshwala obungaphezu kuka-R15-million emalolini amane ahlukene ezintatha ngoLwesithathu, mhlaka-26 kuNhlangulana.

Uthe abasolwa bagebenge indawo egcina impahla e-Kempton Park.

“Amaphoyisa athole imininingwane ngabasolwa abebehlela ukugebenga indawo okugcinwa kuyo utshwala.

“Ithimba elihlanganisa amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service, i-Fidelity Specialized Service, i-CAP Specialised Service kanye ne-Tracksquad Security lilandele imininingwane lagasela kubasolwa abebematasa belayisha lobo tshwala emalolini. Amaloli amabili abesevele egcwele utshwala azame ukubaleka kodwa amaphoyisa awajaha.

“Elinye lamaloli lishayise emgwaqeni u-R21 e-Kempton Park. Elinye iloli litholakale e-Norkempark, lapho kuboshwe khona umsolwa oyedwa,” kusho uMasondo

Uthe amaphoyisa aphinde ashaqa izimoto ezimbili zohlobo lwe-VW Polo ezisetshenziswe ukwenza lobu bugebengu.

UMasondo uthe abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yase-Kempton Park maduze. Babhekene namacala okugebenga indawo yebhizinisi, ukutholakala nempahla eyebiwe kanye nokuphula umthetho we-Immigration Act.

Esithombeni ngenhla: Abasolwa. 

Umthombo: Uthunyelwe

Izihloko zakamuva