Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa aseWestern Cape abophe abesilisa abane abasolwa ngokweba ngemuva kokutholakala nezimpahla zaseTakealot.
Amalungu e-Maitland Flying Squad alandele umkhondo wemoto esolisayo ebifunwa ngecala lokuphanga kuhlonyiwe eGrassy Park ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape u-Anelisiwe Manyana uthe amalungu athole imoto inomsolwa oyedwa.
Uma bepequlula imoto bathola umabonakude nesiqandisi. Umsolwa akakwazanga ukuchaza kahle ukuthi uzithathephi lezi zimpahla.
“Eqhubeka nophenyo, amaphoyisa athole enye imoto ethinteka esigamekweni sokugebenga iTakealot eKuilsriver,” kusho uManyana.
Amaphoyisa aphinde athola indawo obekugcinwa kuyo ezinye izinto. Babophe abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-35 kule ndawo. Baphinde bashaqa impahla eyebiwe nezimoto.
Uma sebethweswe amacala, abasolwa ababoshiwe bazovela eNkantolo yeMantshi yaseBlue Downs.
Kwesinye isigameko, amalungu ethimba lesifundazwe abamba izimpahla zomgunyathi kanye nezingekho emthethweni abambe futhi abopha amasela amaningi.
Amalungu avakashele izitolo zomakhalekhukhwini nezitolo ezidayisa izinto ezihlukene endaweni, nalapho ashaqe izikhwama ezingu-231 ezinomakhalekhukhwini be-Apple, ama-adaptha kanye nezintambo ze-USB.
Imikhiqizo ilinganiselwa kwinani-R47,870.
Kuqalwe uphenyo kodwa akukaboshwa muntu.
Isithombe esingenhla: Amalungu e-SAPS eWestern Cape athole izimpahla ze-Takealot kwaboshwa abasolwa abane.
Umthombo: Sithunyelwe