Amaphoyisa abophe amalungu amathathu eqembu lezigelekeqe 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kuboshwe amalungu amathathu eqembu lezigelekeqe e-Brakpan ngoLwesithathu. Atholwe nezibhamu nemifaniswano yamaphoyisa kanti kusolwa ukuthi ayathinteka ezigamekweni ezahlukene zokugebenga nokubulala.

Amaphoyisa omgwaqo aseGoli, onogada kanye nomnyango wamaphoyisa kamasipala wase-Ekurhuleni (EMPD) babophe izigelekeqe emgwaqeni u-R23.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala wase-Ekurhuleni, u-Ignatius Mapike uthe abasolwa bebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo esiliva enezinombolo zomgunyathi.

UMapike uthe kusolakala ukuthi la madoda amataniswa namanye amacala okugebenga nawokubulala.

Esithombeni esingenhla: Izibhamu nemifaniswano yamaphoyisa okutholwe eqenjini lezigelekeqe e-Ekurhuleni ngoLwesithathu.

Umthombo wesithombe: EMPD

Izihloko zakamuva