Amaphoyisa abophe abavukuzi abangekho emthethweni

Everson Luhanga

Begqoke amabhuzu asindayo nama-ovaroli angcolile abavukuzi bebebukeka bebuthakathaka futhi benciphile nase mzimbeni. Abanye bebebukeka beneminyaka engu-12 ubudala. Iningi labo beliphuma e-Lesotho nase-Mozambique okucatshangwa ukuthi bakuleli ngokungemthetho.

Bebephakathi kwabavukuzi abangu-46 abangozamazama abangekho emthethweni ababoshwe ngesikhathi amaphoyisa egasela e-Westrand ngoLwesibili okunezela ekuboshweni kwenqwaba yabavukuzi abangu-80 e-Krugersdorp ngempelasonto.

Amaphoyisa abuye nezindiza ezinophephela emhlane kanti umkhankaso omkhulu wamaphoyisa ubugxile kakhulu ezimayini zegolide ezingasasebenzi ezisabalele emalokishini ase-Westrand futhi amaphoyisa athungatha izigebengu ebezihlomile ezidlwengule abesifazane ngoLwesine olwedlule.

Lezi zigelekeqe bezigqoke izingubo zokulala zendabuko zase-Basotho zizifihle nobuso ngama-balaclava futhi zihlomile. 

Zigebenge amalungu eqembu abezoshutha ividiyo angu-22 abesifazane abangu-12 nabesilisa abayishumi. Badlwengule abesifazane abayisishiyagalombili.

Ngesikhathi amaphoyisa egasela ngoLwesibili, kudutshulwe kwabulawa oyedwa wesilisa esigamekweni sokudubulana phakathi kwabomthetho nozamazama.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kanye noKhomishana wamaPhoyisa e-Gauteng uLieutenant-General Elias Mawela bajoyine oKlebe, izikhungo zezokuphepha ezimayini kanye nezobunhloli ukuze kuboshwe abantu abangu-46. Njengasekuboshweni kwabantu ngempelasonto, akekho noyedwa umsolwa osamataniswa nalezi zigameko zokudlwengula.

Nokho uKhomishana wamaphpyisa uJenene Fannie Masemola uthe “simatasa nophenyo ukuze sibone ukuthi abanye babo bayabandakanyeka yini”.

Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa e-Alexandra ngoLwesihlanu ngemuva kokuvakashela imindeni yezisulu uNgqongqoshe uCele ithimba labaphenyi ukuba liqoqe ubufakazi obuzothunyelwa elabhorethri ukuze buhlolwe.

Umqondisi kuzwelonke wabaseshi nophiko lwezobunhloli uJenene Khosi Senthumule ohola uphenyo uthe “sinethemba labaseshi elizosisiza ukusheshisa ulibofuzo. Ithimba lisebenza ubusuku nemini futhi sikholelwa ukuthi mhlawumbe ngoLwesihlanu singaba nolibofuzo labo. 

Ngemuva kwalokho singaqhathanisa nalokho okuqoqwe endaweni yesigameko.”

Ekhuluma ezimayini ezingasasebenzi e-West Rand ngoLwesibili uNgqongqoshe uCele uthe bayanqaba ukuphatha izwe ngokubambisana nezigebengu.

UNgqomgqoshe uCele uthe kuzokwenziwa imisebenzi efanayo nakwezinye izifundazwe ukuze babhekane nodaba  loZamazama oselandile e-Gauteng, e-Free State, e-Limpopo, e-North West, nase-Mpumalanga.

Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi oZamazama abasebenzi bodwa, kodwa kunalokho baqhutshwa abanye abantu abaphezulu futhi bazogxila ekuthungatheni labo abaqhuba amabhizinisi aphezulu.

Ubonge imboni yezimayini ngokusebenzisana nohulumeni ukulwa nobugebengu.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Elias Mawela uthe izimayini ezingekho emthethweni e-West Rand kudala zingasasetshenziswa kule minyaka edlule lokhu kusho ukuthi kukhona nabanye abathintekayo abaxhasa lo msebenzi.

“Phambilini sike senza imisebenzi efana nalena lapho esasusa khona inqwaba yemishini yokumba kodwa ubugebengu busaqhubeka,” kusho uLieutenant General Mawela.

Kusukela ngoLwesine sekuboshwe abesilisa abangaphezu kuka-120 ezigamekweni zokugasela amaphoyisa kule ndawo.

Okhulumela oKlebe uLieutenant Colonel Philani Nkwalase uthe iziphathimandla zithole amathani angu-700 ensimbi enegolide edlula u-R2.5 million ezimbonini ezinhlanu ezingekho emthethweni.

Uthe abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo maduze ukuze babhekane namacala ahlanganisa awokuphula umthetho we-Precious Metals, Mining Health and Safety Act kanye ne-Theft Immigration Act.

Izihloko zakamuva