Amaphoyisa abophe abathumbi abangu-14 ahlenga nobethunjiwe

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abokufika abathathu base-China nababili base-Mozambique baphakathi kwabathumbi abangu-14 ababoshwe ithimba lamaphoyisa elilwa nokuthunjwa kwabantu e-Gauteng namuhla njgoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uColonel Athlenda Mathe uthe laba abangu-14 kusolakala ukuthi bathumba usomabhizinisi wase-Zimbabwe ngeSonto eduze nalapho asebenzela khona e-Gauteng.

“NgoMsombuluko ntambama, ithimba elilwa nokuthunjwa kwabantu, elihlanganisa nezinye izinhlaka ezimbalwa ngaphakathi kwi-SAPS, lisebenzisana kakhulu nozakwethu bonogada abazimele, likwazile ukuthola umgilwa obethunjiwe ephephile futhi esaphila … e-Diepkloof, e-Soweto,” kusho uMathe.

Uthe iziphathimandla zikwazile nokuthungatha abathumbi abangu-14 ezindaweni ezahlukene.  Abayisishiyagalombili batholakale efulethini elise-Greenstone Park, kwathi abanye abayisithupha baboshwa e-Sandton.

“Imishini eminingi yemali, isamba semali eyakhishwa ebhange lamgilwa, nezibhamu ezimbili, okuhlanganisa nesantshontshwa ngesikhathi kugetshengwa umuzi e-Linden ngase-Randburg, eGoli, ngo-2023, ngezinye zezinto ezitholakale kubathumbi,” kusho uMathe.

Uthe amaphoyisa emasontweni edlule, akwazile ukubopha abathumbi abaningi abaxhumene namaqembu athumba osomabhizinisi ngoba befuna izizumbulu zemali.

“Imiphakathi iyanxuswa ukuthi iqhubeke nokubika izenzo ezisolisayo ezindaweni eziseduze kwayo ukuze siqinisekise ukuthi sibhekana ngqo nalezi zigebengu ngokubambisana.”

Ngomhlaka-5 kuNtulikazi, amaphoyisa ahlenga umnikazi webhusha ongumPutukezi owayethunjwe cishe ezinsukwini eziyishumi ngaphambilini.  Abasolwa bafuna imali, kodwa ngemuva kokuthi amaphoyisa ehlenge umgilwa, abazange bakhokhelwe. 

Ngomhlaka-2 kuNtulikazi, omunye usomabhizinisi wase-Portugal uhlengwe wuphiko lwe-SAPS olulwa namaqembu ezigelekeqe ngemuva kokuba naye ethunjiwe. 

Esithombeni ngenhla: Abanye babasolwa ababoshiwe.

Umthombo: SAPS

Izihloko zakamuva