Amaphoyisa abophe abasolwa ngokuduna izimoto egoli

Everson Luhanga

Abasolwa abebehlome ngezibhamu inkunzi ebhizinisini eGoli babanjwe amaphoyisa ase-Hillbrow ngoMgqibelo ebusuku.

Abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-31 no-44 batholwe nezibhamu ezintathu ezingekho emthethweni, izinhlamvu nezimoto okusolakala ukuthi zintshontshiwe.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe amalungu e-Crime Intelligence athole imininingwane ngeqembu lezigelekeqe ebelizophanga ibhizinisi kwesinye sezitolo.

“Imininingwane itholwe amalungu ezinhlaka ezahlukene ze-SAPS nezinye izinhlaka zomthetho abeqaphe ngeso lokhozi kwaze kwaba abona izimoto ezimbili ezifana ncamashi nezabasolwa ezihambisana nencazelo eshiwo,” kusho uMasondo.

ULieutenant Colonel uMasondo uthe ngesikhathi besesha abagibeli bazo zombili lezi zimoto bathole ukuthi bebehlome ngezinhlobo ezahlukene zezibhamu nezinhlamvu.

“Bonke abasolwa baboshiwe kanti babhekene namacala okwakha itulo lokugebenga ibhizinisi nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.”

Kwesinye isigameko sangoMgqibelo ngomhlaka-14 kuNhlaba amaphoyisa abophe abasolwa abathathu e-Soweto ngemuva kokutholakala nesibhamu i-AK-47 nezinhlamvu ezingu-16 kanye ne-Audi okubikwa ukuthi idunwe e-EkKurhuleni.

ULieutenant Colonel uMasondo uthe abasolwa okubikwa ukuthi baqhamuka kwamanye amazwe abangenazo izincwadi kusolwa ukuthi yibo abebegebenga abantu emigwaqeni e-Gauteng nasezifundazweni ezingomakhelwane.

Uthe amalungu ophiko lwe-Highway Patrol Unit asebenzise ulwazi lwe-Crime Intelligence amisa imoto ebinabagibeli abathathu okusolwa ukuthi ibona abathinteka emacaleni abucayi nanodlame.

“Abasolwa abazange bame ngesikhathi bemiswa amaphoyisa ngemuva kwalokho amaphoyisa abahlale ezithendeni aze abavalela ekhoneni emgwaqeni obizwa ngo-Chris Hani e-Diepkloof.”

Ngesikhathi amaphoyisa esesha abasolwa nemoto athole isibhamu sohlobo lwe-AK-47 sigcwele izinhlamvu. Uphenyo lokuqala luveze ukuthi imoto ebishayelwa abasolwa idunwe e-Primrose e-EkKurhuleni.

Izihloko zakamuva