Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa abophe abasolwa abangu-22 ngemuva kokuhlaselwa kwabahamba ngamabhayisikili nabahamba ngezinyawo e-Woodstock.
Abasolwa abathathu babanjwe nezidakamizwa kanti omunye ephethe isikhali esiyingozi ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso.
Amaphoyisa abophe abantu abangu-22 eWoodstock, eKapa ngemuva kokuthi abagibeli bamabhayisikili nabahamba ngezinyawo begetshengwa balinyazwa ku-Lower Church Street naku-N1 Highway.
Okhulumela amaphoyisa uSergeant Wesley Twigg uthe amaphoyisa nezinye izinhlaka zomthetho basebenze ndawonye kulolu hlelo lwangoLwesihlanu.
Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseKapa ngoMsombuluko
“Amalungu enze uphenyo abopha abasolwa abathathu ngokutholakala nezidakamizwa noyedwa ngokutholakala nesikhali esiyingozi,” kusho uTwigg.
Uxwayise abantu ukuthi baqaphele endaweni.
“Sinxusa umphakathi ukuthi usebenzise izindlela zokuphepha ezifana nokugcina izinto ezibalulekile zingabonwa, ukuhamba ngamaqembu, ukwazi indawo abakuyo, nokubika zonke izenzo zobugebengu,” usho kanje.
UNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Isaac Sileku, ukuncomile ukuboshwa kwalaba.
“Lezi zigebengu zisongela kakhulu ukuphepha kwabagibeli bamabhayisikili, abahamba ngezinyawo nabagibeli. Ukuboshwa kwazo kuyisinyathelo esibalulekile sokuqinisekisa ukuthi imizila yethu okungeyona eyezimoto ihlala iphephile kuwo wonke umuntu,” kusho uSileku.
Isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa sikujabulele ukuboshwa kwalaba kodwa sinovalo lokuthi abasolwa bazobuyela emgwaqweni maduze.
“Siyajabula ngokuboshwa kwalaba kodwa siyazi ukuthi bazophuma maduze baqhubeke nokusigebenga. Okuzomisa lokhu ukuthi abenzi bobubi bathole izigwebo eziqinile. Abakwenzayo kukhombisa ukuthi abayihloniphi imithetho,” kusho isakhamuzi.
Amaphoyisa athi azoqhubeka nemikhankaso yokulwa nobugebengu endaweni.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa ase-Western Cape abophe abasolwa eWoodstock.
Umthombo: Sithunyelwe