Karabo Rammutla
Amaphoyisa ophiko olulwa nokushushumbisa izidakamizwa kuMasipala wase-Tshwane ashaqe inqwaba yenyaope ebihlelelwe ukuyodayiswa emigwaqeni yase-Centurion.
Amaphoyisa kamasipala alunywe indlebe abophe abasolwa abangu-11 abasolwa ngokudayisa i-nyaope ashaqa izidakamizwa zenani elilinganiselwa ku-R700 000.
Bonke abasolwa abangabokudabuka e-Nigeria abaneminyaka ephakathi kuka-31 no-50 ubudala baboshelwe ukutholakala kanye nokudayisa izidakamizwa.
IMeya yase-Tshwane uRandall Williams uthe amaphoyisa kamasipala ophiko lwezidakamizwa alunywe indlebe ngokuthi kukhona osendleleni oyohambisa i-nyaope e-Pierre Van Ryneveld, e-Centurion.
UWilliams uthe amaphoyisa kamasipala aye alinda endaweni nangempela kwafika owesilisa okuthiwe uzoletha izidakamizwa emzini othile. Waboshwa khona lapho.
Lona wesilisa ube esekhipha abanye asebenzisana nabo.
“Ube esethatha amaphoyisa ewayisa ezindlini zakhe ezimbili, eyodwa ese-Pierre Van Ryneveld nenye ese-Garsfontein lapho kutholwe khona amadoda ayishumi epakisha izidakamizwa,” esho.
Abasolwa baboshiwe bayiswa esiteshini samaphoyisa i-Garsfontein empumalanga ye-Tshwane.
Imeya income amaphoyisa kamasipala ngomsebenzi oncomekayo awenzile.
“Ngithanda ukubonga izikhulu ze-TMPD ngokwenza umsebenzi oncomekayo ukuvikela imiphakathi yethu kanye nentsha ezidakamizweni. Kubalulekile ukuthi sonke sisebenzisane ukuqinisekisa ukuthi i-Tshwane ayibi inhlokodolobha yenyaope nezinye izidakamizwa,” esho.
UWilliams uphinde wanxusa imiphakathi ukuthi ibike emaphoyiseni uma kukhona okwenziwayo okungekho emthethweni.
Isithombe esingenhla: Amaphoyisa ashaqe iNyaope engaphezu kuka-R700,000
Umthombo: Facebook