Amaphoyisa abophe abangu-1 000 kowe-O Kae Molao

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Bekungelona usuku oluhle ezigebengwini e-Midrand ngoLwesine ngesikhathi amaphoyisa enza izivimbamgwaqo egasela emabhizinisini.

Lesi bekuyisigaba sakamuva somkhankaso we-O Kae Molao. Abaseshi bathi balandele umkhondo babopha abasolwa ababalelwa ku-985 ngaphansi kwamahora angu-24 esifundazweni ngezigameko zobugebengu ezahlukene okubalwa ukweba, udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, ukugebenga kanye nokushaya.

Imigwaqo yase-Midrand ibigcwele izinhlabamkhosi zamaphoyisa ngesikhathi izikhulu zisuka komunye umgwaqo ziya komunye.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant-General Elias Mawela uthe lesi isizinda sobugebengu esibi kakhulu.

Kodwa ngesikhathi begasela ngoLwesine ekuseni akuzange kuboshwe abantu abaningi.

Kwesinye isivimbamgwaqo amaphoyisa abophe abaphuma emazweni angaphandle abangu-30 abangenazo izincwadi aphinde abopha indoda eyodwa etholakale nesibhamu sokuzingela nezinhlamvu ezingu-58. Lo msebenzi ube usudlulela enxanxatheleni yezitolo i-Boulders nase-China Mall lapho amaphoyisa abegasela khona ezitolo efuna namalayisensi okusebenza.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa aseGoli agasele enxanxatheleni yezitolo e-Midrand 

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva