Amaphoyisa abophe abagebenge isitolo sobucwebe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amaphoyisa abophe abalisa abane ngemuva kokubamba inkunzi isitolo sobucwebe kulandela ukuvalela kwabo egunjini lesitolo abasebenzi e-Paarl eWestern Cape ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe abasolwa abane baboshwe ngamaphoyisa kanye nenkampani yonogada enkabeni yedolobha ngemuva kokubamba inkunzi bantshontsha isamba sobucwebe esingadalulwanga kanye nomakhalekhukhwini.

“NgoLwesibili abasolwa abebehlomile bangene esitolo basabisa abasebenzi base bebavalela egumbini. Abasolwa babaleke endaweni yesigameko nomthwalo wobucwebe nezinto ezibalulekile,” kusho uSwartbooi.

Abasebenzi benkampani yonogada babophe omunye wabasolwa kuVan Der Lingen Street, kwatholakala nezimpahla ezebiwe.

“Abanye abasolwa abathathu balandelwe ngamalungu e-Paarl SAPS baboshwa e-Paarl East ngesikhathi betholakala nesamba sobucwebe esingadalulwanga,” kusho uSwartbooi.

Uma sebebekwa icala, abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yase-Paarl ngecala lokugebenga.

UMandla Zinya (39), wase-Paarl, uthe umsebenzi omuhle wamaphoyisa ubukelwa phansi izakhamuzi ngoba yizona ezithenga izimpahla ezebiwe.

“Amaphoyisa e-SAPS azobabopha abasolwa, kodwa kuthiwani ngalabo abathenga kubo? Kwesinye isikhathi abasolwa badayisela izakhamuzi izinto ezebiwe, siphinde thina futhi sikhale ngobugebengu, ekubeni asiboni nokuthi senza umsebenzi wamaphoyisa ube nzima.”

UZinya ukholelwa ukuthi indlela yokunqanda ubugebengu wukuthi amaphoyisa aqale ukubopha abathengi bezimpahla ezebiwe.

Esinye isakhamuzi, esingadalulwanga igama, sithe izigebengu ngeke zisibone isidingo sokugebenga amabhizinisi uma bengenabo abathengi.

“Singasebenzisana namaphoyisa e-SAPS ngokubika abantu abadayisa izimpahla ezebiwe ngoba siyabazi; bahlala nathi,” kusho isakhamuzi.

Esithombeni esingenhla: Abasolwa abane bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Paarl ngemuva kwezinsolo zokuthi bagebenge isitolo sobucwebe.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva