Amaphoyisa abopha umdlwenguli wakwa-Facebook ohlasela abesifazane abanezinkinga emshadweni

Elmon Tshikhudo

Sekuphele iminyaka emibili eheha abesifazane ababengasoli lutho ababekholelwa ukuthi ungumprofethi futhi baphendukela kuye ngezinkinga zabo zomshado.

Le ndoda yakhanda ikhasi ku-Facebook, yathi ingumphrofethi futhi yakwazi ukuheha abalandeli abangaphezu kwabayizi-100 000 – ikakhulukazi abavela e-Venda e-Limpopo.

I-akhawunti mbombayi yakwa-facebook, ngaphansi kwegama lika-Elma Mutavhatsindi Wa Duthuni, ihehe izisulu ukuba ziye ezindaweni ezicashile lapho kusolwa khona ukuthi bebebanjwa inkunzi badlwengulwe khona.

Abesifazane babetshelwa ukuthi beze emahlathini nasemifuleni ukuze bazihlanze futhi baxazulule izinkinga zabo.

I-akhawunti idale umonakalo omkhulu esifundeni ngokukhomba abantu njengabathakathi futhi bedalula amagama athile avelele njengabangela ukushona kwabantu kule ndawo.

Umndeni wakwaNemaranzhe wase-Duthuni ngaphandle kwase-Thohoyandou ucishe wahlukana nemali eyizi-R20,000 ngemuva kokutshelwa ‘ngumphathi’ we-akhawunti yakwa-Facebook ukuthi anikele ngemali ukuze athole inkululeko yelungu lomndeni elilahlekile uRolivhuha Nemaranzhe.

Walahleke kusukela ngoZibandlela ngowezi-2020. Umndeni wathola ukuthi i-akhawunti yayingumbombayi ngaphambi kokuhambisa imali.

Manje izakhamizi zikhululeke kakhulu njengoba umsolwa okusolwa ukuthi nguyena obesebenzisa i-akhawunti yezokuxhumana, uMikovhe Vincent Makhavhu, eboshwe eGoli ngecala elihlukile wabuyiselwa e-Thohoyandou lapho kwengezwe khona amanye amacala.

Okhulumela i-NPA e-Limpopo uMashudu Dzhangi-Malabi ukuqinisekisile ukuthi owesilisa oneminyaka engama-32 uvele eNkantolo yeMantshi yase-Thohoyandou ngoMsombuluko ebhekene namacala amahlanu okudlwengula.

Icala lakhe lihlehliselwe umhla zingama-27 kuNtulikazu kowezi-2021 kanti usagcinwe esitokisini

Izihloko zakamuva