Everson Luhanga
Kuboshwe abantu abayisikhombisa emngcwabeni ngesikhathi beqhumisa izibhamu KwaZulu-Natali nase-Gauteng.
Amaphoyisa athe azibambela mathupha abantu abangaziphathi kahle abadubula emigcwabeni yezigelekeqe nosopolitiki njengoba lokhu kuphambene nomthetho.
E-Gauteng omunye wabasolwa uthe usebenzela uphiko lwezemigwaqo kodwa wangakwazi ukuzichaza njengephoyisa.
Kodwa amaphoyisa akwazile ukuthola ukuthi isibhamu esoMnyango wophiko lwezemigwaqo.
Okhulumela uMnyango wamaphoyisa akwaMasipala (i-JMPD) uXolani Fihla ukuqinisekisile ukuthi abasolwa abathathu besilisa baboshwe nguMnyango emva kokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Uthe ngeSonto amaphoyisa angaphansi kwe-JMPD kanye namaphoyisa e-Sophiatown SAPS ajutshwe emathuneni ase-Westpark ukuze abheke indlela abantu abaziphatha ngayo emgwaqeni, aqaphe nesimo sabantu abangaziphethe kahle, nomngcwabo kaHector Vintos Buthelezi.
UHector Vintos Buthelezi obengumculi we-Soweto TikTok, owaziwa nangokuthi uDJ Vintos udutshulwe ngoLwesibili olwedlule.
“Ngenxa yesimo somngcwabo kube nokudubulana ngaphakathi emathuneni.
Amaphoyisa asebenza umshoshaphansi akwazile ukubona lokhu aphinde ahlonze abenzi bobubi,”
“Ngesikhathi abantu sebephuma emathuneni, amaphoyisa asebenzise imininingwane abeyitholile alandela izimoto ebezihlonziwe,” kusho okhulumela i-JMPD uFihla.
UFihla uthe izimoto zimisiwe zaseshwa. Amaphoyisa athole izibhamu ezintathu.
Izibhamu ezimbili ezitholiwe bezingekho emthethweni.
Kulandela izikhalo mayelana nokudubulana emathuneni ase-Westpark, kwenziwa isithembiso kubona bonke ababambiqhaza ukuthi lesi isenzo esingekho emthethweni bafunga bagomela ukuthi bazobhekana naso ngendlela efanele.
Ngonyaka odlule osemdala oziholela impesheni washaywa ngenhlamvu ngemuva kokuba abantu bedubula emoyeni emngcwabeni owawusemathuneni ase-West Park.
Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Sophiatown ngoLwesibili ngomhlaka-22 kuNdasa 2022.
Kwesinye isigameko esenzeke e-KZN, kuqhutshwe umkhankaso wokuqapha isimo emgcwabeni wase-Harding ngeSonto obusendaweni yase-Santombe.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel uThembeka Mbele, uthe amaphoyisa ezwe kuqhuma isibhamu endaweni obekungcwatshwa kuyo. “Amaphoyisa avele aphuthuma khona abamba abasolwa abavalela ejele.”
Uthe abasolwa abane babekwe amacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni nokuqhumisa isibhamu endaweni yomphakathi. Bonke abasolwa ababoshiwe ngabase-Eastern Cape kanti bebehambele umngcwabo womuntu wesilisa odutshulwe wabulawa e-Mtata.