Amaphoyisa abesifazane ahlenge izimbuzi ezingu-15

Celani Sikhakhane

Ngesikhathi izimbuzi ezingu-15 zigugulwa yizikhukhula ezicekele phansi inyakatho yeKwaZulu-Natali kule mpelasonto, abanikazi bazo bebecabanga ukuthi lezi zilwane zilahleke unomphela.

Kodwa kuthe sebezolilahla ngempela ithemba, babiza amaphoyisa ophiko lwe-Search and Rescue and Stock Theft, akwazile ukuhlenga zonke izimbuzi.

Kudingeke ukuthi kubizwe amaphoyisa ngemuva kokulahleka kwezimbuzi zabalimi baseNgoni, eSandlwana.

Ekuseni ngoMgqibelo izimbuzi zibuthene zaphuza ngasemfuleni iNgoni.

“Izilwane beziphuza amanzi futhi zithola ukudla ezihlahleni,” kusho ilungu lomphakathi uJama Magubane etshela i-Scrolla.Africa.

Kuthe kungazelelwe kwana imvula.

“Azikwazanga ukuphuma emfuleni obugcwele amanzi,” kusho uMagubane.

Amalungu omphakathi atshele i-Scrolla.Africa ukuthi bazamile ukuthola intambo emadwaleni omfula cishe usuku lonke. Bazama ukukhipha izimbuzi ebezigwiliza bazidonsele endaweni ephephile kodwa bahluleka.

UMagubane uthe bese bekulungele ukulahla ithemba, kodwa banquma ukubiza amaphoyisa.

Bekukhona amaphoyisa abesilisa kodwa bekukhuthaza ukubona abesifazane esebenzisana nabesilisa esimeni esibucayi kanje, sibathulela isigqoko,” kusho ilungu lomphakathi uHlengiwe Mazibuko.

Amaphoyisa abeqhamuka eMajuba, e-Vryheid, eNquthu nase-Richards Bay, agcine ekwazile ukuthola intambo kulesi siqhingi afika esiqhingini ahlenga izilwane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe ithimba labatakuli besilisa nabesifazane liholwa yithimba lamaphoyisa ophiko lokwebiwa kwemfuyo eMajuba.

UGwala uthe ngaphandle kwezimbuzi ezingu-15 zaseNquthu kutakulwe izimbuzi nezimvu ezingu-17 e-Dannhauser.

“Lezo zimbuzi nezimvu azikafunwa muntu futhi sisabheka abanikazi bazo,” kusho uGwala.

Izimbuzi ziyigugu elibalulekile emiphakathini eminingi yasemakhaya eKZN njengoba zisetshenziselwa ukuhlanza imindeni noma izizwe.

Zibuye zisetshenziswe ukwenza imikhuba ethile yokuletha umoya wamadlozi ekhaya noma ukukhuluma namadlozi.

Izihloko zakamuva