Amaphoyisa abengekho emsebenzini aphakathi kwabantu abane abashonile esigamekweni sokudubula ethaveni eKZN

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Impi ebisethaveni engekho emthethweni e-KZN iholele ekutheni amadoda amahlanu avulele ngenhlamvu kwashona abantu abane okubalwa namaphoyisa amabili abengekho emsebenzini.

Udlame luqale ngemuva kwesixazululo esinokuthula sengxabano yaphambilini, kwashiya abanye abane belimele kabi esibhedlela.

Kudutshulwe kwabulawa abantu abane kwathi abanye abane balimala kanzima ngemuva kwengxabano equbuke endaweni yokucima ukoma engekho emthethweni eSundumbili, KwaZulu-Natal, ngoMsombuluko ebusuku.

Kubulawe amaphoyisa amabili abengekho emsebenzini.

Kumanje amaphoyisa azingela amadoda amahlanu aphendule le ndawo yokucima ukoma indawo yokubulala ngemuva kwengxabano encane.

UColonel Robert Netshiunda uthe elinye iphoyisa lixabene namadoda amahlanu ekuseni. “Ingxabano yaxazululwa ngokuthula, uConstable wathengela la madoda amahlanu utshwala,” usho kanje.

Kodwa ukuthula akuzange kuhlale isikhathi eside. “Ngemuva kwesikhashana elinye iphoyisa liphinde lahilizisana namanye amadoda amahlanu ngaphandle nje kwendawo yokucima ukoma,okuholele ekudutshulweni kwaleli phoyisa.

“Iphoyisa ebelopha kubikwa ukuthi libaleke labuyela endaweni yokucima ukoma, abasolwa balilandela beqhubeka nokudubula benganakile bebhekise kuwo wonke umuntu obengaphakathi,” kusho uNetshiunda.

Abantu abathathu, okuhlanganisa nelilodwa lamaphoyisa, bashonele endaweni yesigameko. Iphoyisa lesibili liphuthunyiswe esibhedlela kodwa lashona ngesikhathi lifika.

Abasindile abane abalimele manje balwela izimpilo zabo esibhedlela.

Amaphoyisa avale le thaveni ashaqa bonke utshwala ngemuva kokuthola ukuthi ibisebenza ngokungemthetho.

“Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngesigameko noma ukuthi abasolwa bakuphi ashayele esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ku-Crime Stop ku-08600 10111,” kusho uNetshiunda.

Esithombeni esingenhla: Indawo yesigameko lapho kudutshulwe kwabulawa abantu abane endaweni yokucima ukoma KwaZulu-Natal.

Umthombo: KwaZulu-Natal SAPS

Izihloko zakamuva