Kabelo Tlhabanelo
I-Bloemfontein SPCA ihambisane namaphoyisa ngenkathi beyohlasela lapho okudayiswa khona izidakamizwa – kodwa abakutholile kuholele ekutheni bathathe isinqumo sokwenza okuthile ngalolu daba.
Endlini kaTriston Matthews, abakwa-SPCA bathola i-rottweiler kanye ne-pitbull enemidlwane eyisishiyagalombili ebulawa yindlala ehlala kwindle yayo futhi elele endaweni enamakhaza engubeni emanzi.
NgoNhlangulana ngowezi-2019, inhlangano elwela amalungelo ezilwane yahamba namaphoyisa ngenkathi kuyohlaselwa indawo yezidakamizwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi izinja kuleyo ndawo azihlaseli amaphoyisa.
UMatthews oneminyaka engama-28 akakashushiswa ngamacala ezidakamizwa, kunalokho uzohlala izinyanga eziyishumi ejele ngemuva kokutholakala enecala lokuhlukumeza izilwane.
Kubuye kwamenyezelwa ukuthi akakulungele ukuba ngumnikazi noma ukuphatha izinja isikhathi esiyiminyaka emithathu.
Umakhelwane wakhe uMieta van Rooyen uthe abantu kumele bafunde ukuthi izilwane zinamalungelo, futhi kumele bajeziswe uma bengakwenzi okufanelekile.
“Abantu bafuya izilwane kodwa abazinakekeli. Ngijabule ukuthi uTriston uzobhadla isikhathi ejele,” esho.
Umhlali wase-Heidedal, e-Mangaung ozibize ngoPiet uthe wayenengekile ngesikhathi ebona isimo izinja ebezigcinwe kuso.
“Ngingumthandi wezinja futhi kungiphule inhliziyo ngemuva kokubona obekwenziwa yile ndoda kulezi zilwane,” esho.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi icala liqediwe. UTriston naye kufanele alale emchameni wakhe ejele.”
Okhulumela i-SPCA uReinet Meyer uthe izinja beziminyene endaweni encane kakhulu.
“Ukugasela kwenzeke ebusuku obubandayo basebusika kanti izinja bezingenayo indawo yokukhosela. Imidlwane eyisishiyagalombili nenja yesifazane zitholwe zigodola, zembathiswe ingubo emanzi,” esho.
Umhloli we-SPCA uDuan Matthee ubonge umshushisi wombuso uYoliswa Mosiako namaphoyisa ngokulwela amalungelo ezilwane nokuqinisekisa ukuthi kwenziwa ubulungiswa.
Umthombo wesithombe: I-SPCA