Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Amaphoyisa abambe owesilisa ezama ukubaleka ngemuva kwezinsolo zokubulala amaphoyisa amabili abephendula isigameko sokubanjwa inkunzi.
Abanye abasolwa ababili basagcwele amathafa namaphoyisa acele usizo emphakathini ukubathola.
Indoda ebizama ukubalekela e-Lesotho ngemuva kwezinsolo zokubulala amaphoyisa amabili ibanjiwe ngasemngceleni.
Umsolwa uboshwe e-Horseback ngase-Monontsha Port Entry ngesikhathi ezama ukubalekela iNingizimu Afrika. Amaphoyisa athi ubekuleli ngokungemthetho.
Usolwa ngokubulala uConstable Sipho Mohapi noConstable Gedione Motloung ngoMgqibelo. La maphoyisa amabili adutshulwe ashona ngesikhathi ephendula isigameko sokugetshengwa komuzi e-Phuthaditjhaba.
Ithimba lamaphoyisa asezingeni eliphezulu lisebenze ndawonye ukuze limbambe. Lapha kubalwa uphiko loKlebe, uphiko lwezobuNhloli, iThimba le-Tactical Response, i-Provincial Organised Crime kanye ne-Local Criminal Record Centre.
Umphathi woKlebe uLieutenant General Godfrey Lebeya uncome ithimba lamaphoyisa ngokusebenza kanzima. Kodwa ukuzingela akukakapheli abasolwa ababili basagcwele amathafa.
Okhulumela amaphoyisa ase-Free State uColonel Katlego Mogale uthe bathole ubufakazi obubalulekile ngomsolwa.
“Utholwe nomakhalekhukhwini owebiwe ngesikhathi kubanjwa inkunzi kanye nesibhamu esicabanga ukuthi sasetshenziswa ukubulala la maphoyisa.”
Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Phuthaditjhaba ngoLwesihlanu. Ubhekene namacala okubulala, ukuzama ukubulala nokugebenga.
Esithombeni esingenhla: Umsolwa uboshelwe ukubulala amaphoyisa amabili.
Umthombo: Sithunyelwe