Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa abambe amalungu amabili eqembu lezigelekeqe nezingubo ezebiwe kanye nephoyisa langempela phakathi kwabo.
Lezi zigebengu zisebenzisa imifaniswano nezinto zamaphoyusa ukugebenga abashayeli ku-N3 abasolwa ababili beqile kwaboshwa ababili.
Iphoyisa nomngani walo babanjwe nemifaniswano yamaphoyisa kanye namalambu aluhlaza emotweni eyebiwe ngesikhathi amaphoyisa ebamisa ngase-Germiston ngoLwesithathu ebusuku.
Uphiko lwe-Benoni K9 beluqaphe imigwaqo u-R103 no-R550 ukunqanda ukudunwa kwezimoto nokugetshengwa emgwaqeni onguthelawayeka u-N3 ngesikhathi bebona i-VW Polo eluhlaza okwesibhakabhaka kunabantu abane ngaphakathi.
Ngesikhathi amaphoyisa emisa imoto ngezithuba zabo-18:25, umshayeli uphume wawakhombisa ikhadi lamaphoyisa. Ubeyiphoyisa langempela kwikamu yamaphoyisa eZonkezizwe.
Kodwa izinto zashuba ngesikhathi amaphoyisa e-K999 eqala ukusesha imoto. Umshayeli nomngane wakhe obesesihlalweni esingaphambili babaleke bangena esigangeni esiseduze.
Abagibeli ababili abebesesihlalweni esingemuva aboakwazanga ukubaleka base beboshwa.
Ngesikhathi amaphoyisa esesha ibhuthi yePolo athole umfaniswano wamaphoyisa, amalambu aluhlaza kanye ne-siren. Imoto ibintshontshwe e-Eldorado Park.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Jane Smith uthe bazingela iphoyisa elibalekile kanye nomngani walo. Igenge idume ngokusebenzisa izinto zamaphoyusa ukumisa nokugebenga abashayeli ku-N3.
“Silindele ukubopha abanye abantu maduze. Alikho iphoyisa langempela elingabalekela ozakwabo ngaphandle uma lingenzi kahle,” usho kanje.
Lezi zigebengu selokhu zihlupha abashayeli bezimoto eKurhuleni, ikakhulukazi emgwaqweni onguthelawayeka u-N3, zizenza amaphoyisa ukuze zibambe inkunzi.
Esithombeni esingenhla: Umfaniswano wamaphoyisa otholwe neqembu lezigelekeqe.
Umthombo: Sithunyelwe