Amaphoyisa abambe iqembu lezigelekeqe eliqhumise ama-ATM eLimpopo

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

  • Amaphoyisa abophe abasolwa abayisishiyagalolunye abaqhumisa ama-ATM ngemuva kwempelasonto yokudubula e-Limpopo.
  • Leli qembu lezigebengu bese kuphele iminyaka emibili liqhumisa imishini yemali esifundazweni ngaphambi kokuba libanjwe.

Amaphoyisa abophe amadoda ayisishiyagalolunye achithe iminyaka emibili eqhumisa ama-ATM kulo lonke elase-Limpopo, abanjwa neziqhumane nemali ethelwe udayi.

Iqembu lezigelekeqe elihlanganisa abantu bakuleli abane kanye nabahlanu abaphuma emazweni angaphandle libanjwe ngeSonto ngemuva kokuqhumisa ama-ATM esigodini sase-Morudji nase-Giyani ngempelasonto.

Ukuboshwa kwalaba kuza ngemuva kwesigameko sokujahana nokudubulana okuqale ngesikhathi iqembu lezigelekeqe liqhumisa i-ATM esiteshini sikaphethroli esigodini sase-Morudji  ngoLwesihlanu ekuseni.

“Abasolwa babambe abasebenzi ngezibhamu ngaphambi kokuthi baqhumise i-ATM. Akukho mali ethathiwe njengoba ama-ATM ayengenalutho,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Stephen Thakeng.

Ngakusasa, lezi zigebengu ziphinde zagasela e-Giyani ngo-4 ekuseni, kulokhu zabaleka nemali. Ngesikhathi amaphoyisa evimbezela lezi zigebengu kube nokudubula futhi izigebengu zashiya imoto yazo zabaleka ngezinyawo.

Besebenzisa imininingwane yokulunywa indlebe, la mathimba amaphoyisa alandele umkhondo waleli qembu ngesikhathi lizama ukubalekela eGoli. Babafice ngasenxanxatheleni yezitolo e-North, e-Polokwane, bafice abasolwa behamba ngezimoto ezimbili.

“La mathimba avimbe izimoto zabasolwa ezimbili, i-sedan emhlophe ebinabantu abane phakathi kanye ne-sedan e-maroon ebinabantu abahlanu emgwaqeni onguthelawayeka u-R81,” kusho uThakeng.

Amaphoyisa athole iziqhumane, izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni, izinhlamvu ezingu-33 nemali engcoliswe udayi wama-ATM ezimotweni zombili.

Abasolwa, abaneminyaka engu-28 kuya ku-43, babhekene namacala ahlanganisa ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, iziqhumane ezingekho emthethweni, nemali engcoliswe udayi.

Laba abahlanu abavela kwamanye amazwe bazophinde babekwe amacala okuba kuleli ngokungemthetho.

Isikhulu samaphoyisa e-Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe uncome amaqembu abambe leli qembu lezigelekeqe.

“Abasolwa bebezitshela ukuthi bangabalekela ubulungiswa, kodwa amathimba ethu aye azimisele aqhubeka nokuwalandela,” kusho uHadebe.

Abasolwa bazovela ezinkantolo ezehlukene kulo lonke elase-Limpopo maduze.

Esithombeni esingenhla: Imali etholwe kubasolwa.

Umthombo wesithombe: SAPS

Izihloko zakamuva