Amaphoyisa abambe abathathu nezimbaza (perlemoen) ezingabiza u-R10.3-million ezitholakale ngokungemthetho

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ithimba le-SAPS provincial tactical response team (TRT) libophe amadoda amathathu komunye umkhankaso omkhulu wezimbaza eWestern Cape. 

La madoda abanjwe ngeSonto ePhilippi ne-zimbaza ezingabiza u-R10.3-million.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uLieutenant-Colonel Malcolm Pojie uthe amaphoyisa asebenza kanzima ukunqanda ukudayiswa okungekho emthethweni kwemithombo yasolwandle esengozini yokushabalala.

“NgeSonto, ngomhlaka-15 kuMandulo ngo-17:00, amalungu e-TRT alandele imininingwane mayelana nendawo yokugcina i-perlemoen. Lokhu kuwaholele endaweni yezimboni eRylands, ngasePhilippi,” kusho uPojie.

Ngesikhathi amaphoyisa efika umsolwa oyedwa ongowase-China uzamile ukubaleka kodwa wabanjwa. Ngaphakathi ebhilidini, elase liphendulwe indawo yokucubungula i-perlemoen, amadoda amabili ase-Zimbabwe atholakale elungisa i-perlemoen enkulu emanzi neyomile.

Amaphoyisa ashaqe lezi zimbaza ezingu-11,485 ezimanzi kanye nezingu-15,200 ezomile kanye nemishini yokuyisebenza.

Abasolwa abathathu bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Athlone ngoLwesibili ngomhlaka-17 kuMandulo. 

I-Perlemoen futhi eyaziway nangele-abalone) iwuhlobo lomnenke omkhulu wasolwandle. I-Black market echumayo ikhona ngakho, okuholela ekwehleni okuyinhlekelele kwamasheya. 

Imagazine i-Hakai ibika ukuhi amaqembu ama-mafia ase-China, ngokubambisana nezinkampani ezithengisa izidakamizwa eNingizimu Afrika, alawula imakethe, ngezinye izikhathi eshintshanisa i-abalone ngamakhemikhali afana ne-ephedrine, asetshenziselwa ukwenza i-tik (crystal meth). 

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa ashaqe i-perlemoen yenani elingaphezu kuka-R10.3-million ePhilippi abopha abantu abathathu bokufika.  

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva