Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ngesikhathi kufika izinkulungwane zabalandeli bombhoxo abebejabule bezobuka amaBhokobhoko edlala ne-All Blacks, abanye abathengisi bazame ukwenza imali ngokushesha ngokudayisa amajezi namakepisi omgunyathi amaBhokobhoko ngaphandle kwenkundla iDHL Stadium eGreen Point, eKapa, ngoMgqibelo.
Kodwa izinhlelo zabo aziphumelelanga. Amaphoyisa ashaqe lezo zimpahla zomgunyathi ezingabiza ngaphezu kuka-R200 000.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi, uthe lo mkhankaso ubandakanya amaphoyisa, abomthetho, nabavikeli bemikhiqizo abasebenze ngokubambisana ukuvimba ukudayiswa kwezimpahla zokugqoka enkundleni yezemidlalo.
“Ngesikhathi sisebenza sithathe izimpahla zomgunyathi, kwakhishwa nezinhlawulo ngokudayisa ngaphandle kwezimvume,” kusho uSwartbooi.
UKhomishana wamaPhoyisa eWestern Cape, uLieutenant General Thembisile Patekile, ukubize ukudayiswa kwezimpahla zomgunyathi “njengokucekela phansi umnotho” waphinde wancoma lo mkhankaso wabaqisekisa ukusebenza komthetho.
“Lezi zenzo kumele zibe yisixwayiso kulabo abahweba ngezimpahla zomgunyathi,” kusho uPatekile.
Isakhamuzi uSindiswa Tetyana uthe uyakuqonda ukuthi kungani abantu bedayisa izimpahla zomgunyathi, nakuba yena engahambisani nakho.
“Impilo inzima, futhi abantu bazama ukondla imindeni yabo. Mhlawumbe bebengazi ukuthi akukho emthethweni ukudayisa lezi zinto,” kusho yena.
Uthemba ukuthi abadayisi bazofundiswa ukudayisa ngokusemthethweni.
Esinye isakhamuzi, esingathandanga ukudalulwa igama siphatheke kabi ngabadayisi.
“Angiboni ukuthi kufanele bahlukunyezwe ngamaphoyisa. Abakhuthuzi muntu, futhi kunezindaba ezinkulu njengabadayisi bezidakamizwa, okufanele amaphoyisa agxile kuzo,” kusho lesi sakhamuzi.
Isithombe esingenhla: Amakepisi omgunyathi.
Umthombo: Sithunyelwe