Amaphaphu aphezulu ngethemba lendondo yegolide kuBlitzboks 

Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar

AmaBlitzboks anomsebenzi omkhulu okufanele awenze kule mpelasonto e-Perth, e-Australia lapho ezobhekana khona neqembu elihamba phambili emhlabeni emlenzeni wesithathu womqhudelwano we-HSBC Sevens – kodwa kulo nyaka kunomklomelo omkhulu kakhulu ozobe ubhekiwe.

Ayikho into enkulu ebholeni lombhoxo emqhudelwaneni we-Sevens njengokuwina indondo yegolide kuma-Summer Olympics e-Paris ngoNcwaba kulo nyaka.

Kodwa ukufika lapho kuzoba inselelo enzima amaBlitzboks asebhekane nayo eminyakeni eminingi.

Amaqembu amane okuqala ezilinganisweni ze-HSBC Sevens azongena ngokuzenzakalelayo futhi lokho bekufanele kube lula kuBlitzboks. Ngaphandle kokuthi ikwazile ukwenza konke okungalungile, yehle yasuka endaweni yokuqala yaya kweyesikhombisa ezilinganisweni.

Lokhu bekusho ukuthi elakuleli kufanele lidlale ku-Rugby Africa Sevens Olympic Qualifier e-Harare, e-Zimbabwe ngoMandulo. Amahloni amancane kodwa akukubi kakhulu.

Izimbangi zabo ezinzima kwakuyi-Kenya futhi abakwazanga ukuhlulwa i-Kenya, akunjalo? Yebo, bengakwenza futhi nakulokhu. Bahlulwe ngo 17-12 bebhekene ne-Kenya avutha engabaselwe eshiye iBlitzboks enkemile – kanti yilokho okubenze babe lapho abakhona manje.

Banethuba lokugcina lokwenza ukuthi elakuleli libe sethubeni lokulwela indondo yegolide eyigugu kuma-Olympics.

Bazodlala emqhudelwaneni wokugcina we-World Rugby Olympic e-Monte Carlo ngoNhlangulana.

Kungumqhudelwano wamaqembu angu-12 anegoli elilodwa kuphela. Owinile uzothola umklomelo “wethuba lokugcina” kuma-Olympics. Kodwa kuzoba khona oyedwa kuphela owinile nabawu-11 abahluliwe. Awukho umklomelo wesibili.

Elakuleli kufanele liwine cishe yonke imidlalo yayo ngaphandle kokujuluka. Amaqembu afana ne-Brazil, i-Canada, i-Chile kanye ne-China akumele abe inkinga kuBlitzboks. (Lona umqhudelwano wabahluliwe) Kodwa kunesikhubekiso esisodwa.

IBrithani izobe ifisa ukuya kuma-Olympics – futhi kungenzeka ukuthi lokhu ikufune ngesikhathi esifanele.

Kuyindida ukuthi kungani i-top brass ye-SA Rugby (okuhlanganisa nomqondisi webhola lombhoxo uRassie Erasmus) engabonakali ewathathela phezulu ama-Olympics. Ungacabanga ukuthi igolide lama-Olympic lingabajabulisa okungenani. Kodwa uma bejabule akukho lutho abalwenzayo olubonisa lokho.

Ngempelasonto e-Perth, iBlitzboks idlale ngokulingana ngaphandle kokuthi ikhombise ukuthi ingahlulwa kunoma yimuphi umdlalo. Hlala ubhekisise. Ingabe bayiqembu elilungiselela ukuwina indondo yegolide? Nguwena ozokwenza isinqumo ngalokhu.

Imidlalo yama-pool ingabukwa esiteshini se-DStv 211

IBlitzboks vs i-Canada ngoLwesihlanu 6.44 am

IBlitzboks vs i-Espana NgoLwesihlanu 12.22pm

IBlitzboks vs i-Argentina NgoMgqibelo ngo-6.38 ekuseni

Imidlalo yama-playoffs iqala ngo-5.08 ekuseni ngeSonto kanti owamanqamu ungo-11.53 ekuseni.

Esithombeni esingenhla: URicky Duarttee weqembu lesizwe lebhola lombhoxo lakuleli kowe-Sevens.

Umthombo wesithombe: Ricky Duarttee Instagram

Izihloko zakamuva