Arthur Greene
Kushone umuntu oyedwa kwalimala inqwaba ngemuva kokuqhuma kwamabhomu amaningi esikhungweni sezindiza sase-Russia e-Crimea okuyisikhungo sase-Ukraine esathathwa i-Russia kusukela ngo-2014.
Abasebenza kule ndawo yase-Russia babaleke e-Crimea yase-peninsula ngoLwesibili njengoba kuqhume amabhomu. Bebengalindele ukuthi ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine kungabathinta.
Inqwaba yezindiza zase-Russia kubikwa ukuthi bezimi esikhungweni sezindiza sase-Saky ogwini olusentshonalanga emahoreni ambalwa nje ngaphambi kokuqhuma kwamabhomu.
Yize i-Ukraine ingakasho ukuthi iyona eyenze lokhu kodwa ilungu eliphezulu la masosha ebelihlomile litshele i-New York Times ukuthi empeleni amasosha ase-Ukraine yiwo adala ukuqhuma kwamabhomu.
“Lesi bekuyisizinda sezindiza okuyilapho izindiza zisuka khona njalo ingakho bebone ithuba lokuhlasela amasosha,” kusho lesi sikhulu esitatimendeni sengeza ngokuthi.”
IPhini likaNdunankulu wase-Ukraine u-Iryna Vereshchuk ubhale ku-Telegram ukuthi ukuqhuma kwamabhomu e-Novofedorivka kuyisikhumbuzo sokuthi i-Crimea ngekabani.”
I-Peninsula yase-Crimea yaziwa ngamazwe amaningi njengendawo yase-Ukraine. Kodwa-ke ngonyaka ka-2014 uMengameli wase-Russia uVladimir Putin wayala ukuthi ihlaselwe futhi ilawulwe i-Russia.
UPutin kukhulu okusamele abhekane nakho e-Russia. Ngokuqondene naye lokhu ukuqhuma kuphawula ukuthi kuseza enkulu impi ezweni lakhe.
Ngokuphawulekayo i-Saky airbase nayo ingamakhilomitha angu-200 phakathi komhlaba olawulwa i-Russia. Ukuqhuma endaweni yase-Russia kuyihlazo elikhulu kuPutin ukuhlasela kwakhe kuze kube manje kube inhlekelele enkulu ezweni lakhe.
Uma amabhomu eqondiswe e-peninsula yase-Crimea amasosha ase-Russia kuzomele andiswe.
Kodwa-ke kunokwesaba ukuthi ukuhlasela kwe-Russia kungase kubangele impendulo enkulu yezempi.
Ngenyanga edlule owayenguMengameli wase-Russia uDmitry Medvedev wathi uma i-Crimea ihlaselwa “luyobe selufikile usuku lokwahlulela kubo bonke abathintekayo futhi kuyoshesha kakhulu kube nzima kakhulu.”
Umthombo wevidiyo: @Euan_MacDonald Umthombo wesithombe: @Justin_Br0nk https://twitter.com/Euan_MacDonald/status/1557034882655715329