Amanzi angena endlini kwaMyeni

Toby Shapshak

Ngesikhathi isikhulu se-Bosasa u-Angelo Agrizzi etshela iKhomishini kaZondo ukuthi wabona umphathi wakhe uGavin Watson enikeza uDudu Myeni isikhwama esigcwele u-R300 000, lowo owayenguSihlalo we-SAA wakuphika lokho.

UMyeni, ophinde abe umphathi wenhlangano iZuma Foundation, uphinde wabatshela kuphenyo lwenkohlakalo ukuthi “zonke izimali ezitholwe inhlangano iJacob G Zuma Foundation bezidluliswa ngama-electronic transfer hhayi ngokheshi”.

Ngenxa yalesi sizathu, uthe isikhwama semali asikaze sibe khona.

Kodwa abaphenyi bekhomishini baziqinisekisile izinsolo zika-Agrizzi. Balandelela ama-slip emali efakiwe amaningi ayenesiginisha efana kakhulu nekaMyeni.

Samsung Galaxy 14G

UZondo uphakamise ukuthi uMyeni kumele aphenywe enkohlakalweni yezimboni eyenziwa i-Bosasa.

Kusukela ngonyaka ka-2000 kuya kunyaka ka-2016 inkampani yokuphatha izikhungo yazuza amathenda kaHulumeni abiza u-R2.3 billion – ikakhulukazi emnyangweni wamajele.

Umbiko kaZondo uhlawumbisela ukuthi wakhokha imali engu-R75 million kosopolitiki, izikhulu zikahulumeni kanye nabalungisi abafana noMyeni, njengoba u-Agrizzi waveza ukuthi wanikezwa isikhwama se-Louis Vuitton esasinemali engu-R300 000.

Obunye ubufakazi buka-Agrizzi, owayeyisikhulu esiphezulu kwa-Bosasa, nabo bafakazelwa ikhomishini, okuhlanganisa nobufakazi obuyingozi  kakhulu.

U-Agrizzi wethule izithombe zamakhasi edokodo lamaphoyisa abeyingxenye yophenyo loKlebe kwa-Bosasa – okwathi ngokuhamba kwesikhathi kwaqinisekiswa ukuthi lilahlekile kubika i-NPA.

“Incwadi efungelwe ka-Agrizzi ikhuluma ngobunye ubusuku angakhumbuli ukuthi kwakuyiluphi usuku lapho uWatson amcela ukuthi ahambele umhlangano noMyeni mayelana nolwazi ngophenyo loKlebe kanye nezingxoxo abe nazo ne-NPA,” ifundeka kanjalo ingxenye yesithathu yombiko kaZondo.

Ngaphambi komhlangano, umbiko uthi uWatson walungisa imali engukheshi engu-R300 000.

“Ngalo mhlangano uMyeni waveza ukuthi ubezama ukuhlela ukuthi uphenyo loKlebe luqedwe. Wakhipha idokodo lamaphoyisa okwakuthiwa litholwe i-NPA futhi wagcizelela u-Agrizzi ukuthi wayengakwazi ukwenza amakhophi.”

UWatson wamtshela ukuthi icala kumele liphele livalwe. Impela uphenyo lwamiswa.

U-Agrizzi wakhipha amakhasi wawathwebula kukhaphethi ohlukile.

Umphenyi kaZondo, uFrank Dutton, owashona ngonyaka odlule, wakuqinisekisa lokhu ukuthi izithombe zithathwe kwiukhaphethi. Kutholwe incwadi efungelwe kumphathi wehhotela ephinde yaqinisekisa ukuhlala kwakhe.

Scrolla World Cup Quiz