Amanzi angena endlini kwaMyeni

Toby Shapshak

Ngesikhathi isikhulu se-Bosasa u-Angelo Agrizzi etshela iKhomishini kaZondo ukuthi wabona umphathi wakhe uGavin Watson enikeza uDudu Myeni isikhwama esigcwele u-R300 000, lowo owayenguSihlalo we-SAA wakuphika lokho.

UMyeni, ophinde abe umphathi wenhlangano iZuma Foundation, uphinde wabatshela kuphenyo lwenkohlakalo ukuthi “zonke izimali ezitholwe inhlangano iJacob G Zuma Foundation bezidluliswa ngama-electronic transfer hhayi ngokheshi”.

Ngenxa yalesi sizathu, uthe isikhwama semali asikaze sibe khona.

Kodwa abaphenyi bekhomishini baziqinisekisile izinsolo zika-Agrizzi. Balandelela ama-slip emali efakiwe amaningi ayenesiginisha efana kakhulu nekaMyeni.

UZondo uphakamise ukuthi uMyeni kumele aphenywe enkohlakalweni yezimboni eyenziwa i-Bosasa.

Kusukela ngonyaka ka-2000 kuya kunyaka ka-2016 inkampani yokuphatha izikhungo yazuza amathenda kaHulumeni abiza u-R2.3 billion – ikakhulukazi emnyangweni wamajele.

Umbiko kaZondo uhlawumbisela ukuthi wakhokha imali engu-R75 million kosopolitiki, izikhulu zikahulumeni kanye nabalungisi abafana noMyeni, njengoba u-Agrizzi waveza ukuthi wanikezwa isikhwama se-Louis Vuitton esasinemali engu-R300 000.

Obunye ubufakazi buka-Agrizzi, owayeyisikhulu esiphezulu kwa-Bosasa, nabo bafakazelwa ikhomishini, okuhlanganisa nobufakazi obuyingozi  kakhulu.

U-Agrizzi wethule izithombe zamakhasi edokodo lamaphoyisa abeyingxenye yophenyo loKlebe kwa-Bosasa – okwathi ngokuhamba kwesikhathi kwaqinisekiswa ukuthi lilahlekile kubika i-NPA.

“Incwadi efungelwe ka-Agrizzi ikhuluma ngobunye ubusuku angakhumbuli ukuthi kwakuyiluphi usuku lapho uWatson amcela ukuthi ahambele umhlangano noMyeni mayelana nolwazi ngophenyo loKlebe kanye nezingxoxo abe nazo ne-NPA,” ifundeka kanjalo ingxenye yesithathu yombiko kaZondo.

Ngaphambi komhlangano, umbiko uthi uWatson walungisa imali engukheshi engu-R300 000.

“Ngalo mhlangano uMyeni waveza ukuthi ubezama ukuhlela ukuthi uphenyo loKlebe luqedwe. Wakhipha idokodo lamaphoyisa okwakuthiwa litholwe i-NPA futhi wagcizelela u-Agrizzi ukuthi wayengakwazi ukwenza amakhophi.”

UWatson wamtshela ukuthi icala kumele liphele livalwe. Impela uphenyo lwamiswa.

U-Agrizzi wakhipha amakhasi wawathwebula kukhaphethi ohlukile.

Umphenyi kaZondo, uFrank Dutton, owashona ngonyaka odlule, wakuqinisekisa lokhu ukuthi izithombe zithathwe kwiukhaphethi. Kutholwe incwadi efungelwe kumphathi wehhotela ephinde yaqinisekisa ukuhlala kwakhe.

Izihloko zakamuva