Amanye amazwe asekhiphe iseluleko esivimba abantu baseNingizimu Afrika ukuba bangene ezweni labo ngenxa yegciwane elisha

Kamogelo Muvhenzhe

Ngemuva kokutholakala kohlobo olusha lwe-Covid-19 i-B.1.1.529 eNingizimu Afrika kuleli sonto, amazwe amaningi avimbela ukungena kwabantu abaqhamuka eMzansi.

Uhulumeni wase-United Kingdom ube ngowokuqala ukumemezela ngoLwesine ebusuku ukuthi bafake iNingizimu Afrika ohlwini labantu abangavunyelwe ukungena ezweni labo cishe izinyanga ezimbili okusho ukuthi angeke bakwazi ukungena kuleli zwe.

Balandelwe iJalimane, i-Singapore kanye ne-Israel njengoba i-India ikhiphe iseluleko ezweni labo ukuze kuhlolwe abahambi bamazwe ngamazwe abavela eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe asengozini.

Umnyango wezokuxhumana kwamazwe kanye nokubambisana (i-Dirco) uchaze lesi sinyathelo njengokuxhamazela.

UNgqongqoshe uNaledi Pandor uthe okubakhathazayo umonakalo ozodalwa yisinqumo ezimbonini zokuvakasha namabhizinisi.

“Yize silihlonipha ilungelo lawo wonke amazwe lokuthatha izinyathelo zokuphepha ezifanele ukuvikela izakhamuzi zabo, isinqumo se-UK sokuvimba okwesikhashana abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangene e-UK sibukeka njengesinqumo sokuxhamazela njengoba ne-WHO isazokweluleka ngezinyathelo ezilandelayo. Sizoxoxisana nohulumeni wase-UK ngenhloso yokubanxenxa ukuthi babuyekeze lesi sinqumo, ” kusho uNgqongqoshe esitatimendeni.

INingizimu Afrika icele ukuhlangana okuphuthumayo nenhlangano esebenzayo i-WHO mayelana nokuvela kwegciwane elisha ngoLwesihlanu ukuze kudingidwe umehluko omusha.

UNgqongqoshe wezempilo waseJalimane uJens Spahn uthe izwe lakhe lizovala ukuhamba kwabantu abasuka eNingizimu Afrika kusukela ngoLwesihlanu ebusuku ukuze kumiswe ukusabalala kolunye uhlobo olusha.

“Into yokugcina esiyidingayo manje uhlobo olusha lwegciwane oluzodala izinkinga eziningi,” kusho uSpahn.

I-Israyeli ithe izakhamuzi zabo kuphela ezizovunyelwa ukuthi zibuye futhi kuzomele zihlale isonto zogonqile uma zifika.

I-National Institute for Communicable Diseases (i-NICD) engaphansi kukahulumeni ithe bangama-22 abantu abatholakale nalesi sifo esisha eNingizimu Afrika.

Izihloko zakamuva