Amantombazane asemancane e-Zimbabwe abhekana nobunzima uma esesikhathini

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Amantombazane asemancane asafunda isikole e-Zimbabwe aphuma emndenini edla imbuya ngothi aphoqeleka ukuthi asebenzise izinto ezingalungile neziyingozi esikhundleni sokusebenzisa ama-pads ngesikhathi sokuya esikhathini.

Basebenzisa amaphepha abawathola emigqonyeni, amasokisi, noma izingubo ezindala uma besesikhathini. Abafundi besikole samabanga aphezulu esifundeni sase-Masvingo batshele i-Scrolla.Africa ukuthi babhekana nezinselele ezinzima uma bengena esikhathini.

Bachaze ukuthi izingcezu zendwangu abazisebenzisayo kwesinye isikhathi bayazicwilisa emanzini lokho kuholela ekutheni babheka ezinye izixazululo.

Intombazane eneminyaka engu-16 ubudala itshele i-Scrolla.Africa ukuthi iphuma emndenini ompofu futhi uma iqala ukuya esikhathini unina uyisikela izingcezu zendwangu.

“Ngiphoqeleka ukuthi ngicoshe iphepha elilahliwe noma ngiklebhule amakhasi encwadi ikakhulukazi uma ngisesikoleni ukuze ngivikele isithunzi sami ngiphinde ngivikele umfaniswano wami ukuthi ungangcoli, kusho lo mfundi.

Uthe izinto azisebenzisayo zenze ukuthi kumile amaqhubu abuhlungu esithweni sakhe sangasese ngesikhathi sokuya esikhathini. Lokhu kwenza kube nzima ukuya esikoleni.

Enye intombazane eneminyaka engu-15 ubudala ithe isebenzisa amasokisi amadala nezingxenye zemifaniswano yesikole endala njengezikibha uma iya esikhathini.

“Abazali bami abanayo imali yokungithengela ama-pads nyanga zonke futhi angikwazi ukuhamba ngingafake lutho ngakho-ke ngigcina sengisebenzisa okukhona ukuze ngingangcolisi izingubo zami.

“Sidinga iminikelo yemikhiqizo yama-pads,” kusho lo mfundi.

Umzali odabuka endaweni yase-Chivi e-Masvingo, u-Agatha Masvaure oneminyaka engu-48 ubudala uthi umndeni wakhe awusakwazi ukuziphilisa. Bathembele kakhulu emnikelweni.

“Isikhathi esiningi siyaphiwa ukudla njengoba le mali encane esiyenzayo nayo sithengela imindeni yethu ukudla. 

Sikhuthaza amantombazane ethu asemancane ukuthi asebenzise ezinye izinto ngesikhathi esesikhathini, ngoba imali ebesizoyikhokhela ama-pads ingasithengela u-1kg kafulawa,” kusho umzali.

UMnyango wezemfundo omele izikole zamabanga aphansi namabanga aphezulu e-Zimbabwe uthe banohlelo olusabalalisa ama-pads kuzwelonke ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, ikhona nje ukuthi sebevezwa njengabantu ababi. 

Isithombe esingenhla ngesama-pads

Izihloko zakamuva