Amandla kaphayinaphu

Ubizwa ngoPhayinaphu.

Uyisishoshovu sesimo sezulu, ohamba engafake zicathulo futhi ehamba ngeveni eyi-Kombi ewolintshi.

Manje uChris “uphayinaphu” Hooper kulindeleke ukuthi abe yimeya yedolobha lase-Australia elibizwa nge-Rockhampton, ngemuva kokuthi imeya yangaphambilini isule esikhundleni.

Uhulumeni wase-Queensland uzama ukuvimba uphayinaphu ukuba athathe izintambo.

I-The Guardian ibika ukuthi uHooper – owathola amavoti angama-31% – uthi ubhubhane lwe-Covid “luyindlela yokuzijwayeza ukuguqula isimo sezulu esenziwe ngabantu”.

“Bengithi namuhla kungenzeka ngithenge izicathulo ezintsha [ophaqa]. Angifuni ukugqoka izingubo [zikanokusho]. Abantu bangehlulela ngoba anginazo izicathulo.”