Amandla abantu: abahlali basemijondolo baqala umkhankaso wokucekela phansi impahla

Mkhuliseni Sizani

Ngesikhathi imeya ye-Nelson Mandela Bay uNqaba Bhanga etshela abahlali ukuthi uzobabona kuphela mhla zingama-26 kuNhlaba ukuze baxoxe ngogesi wabo bahamba necebo lokucekela phansi impahla.

Balinganiselwa kwabangama-300 abahlali basemijondolo abathukuthele baseNgunguluza Area 11 e-Kariega, e-Uitenhage, ababhikishe ngoLwesithathu ekuseni, bevale imigwaqo i-Rocklands ne-Bantom ngamathayi avuthayo namatshe.

Kushiswe ihhovisi lekhansela elisemgwaqweni i-Bantom kanye neveni likamasipala i-Ford Ranger.

Emgwaqeni wase-Rocklands bashaye izimoto ngamatshe bashisa i-BMW.

Abazali kudingeke ukuthi bahlinzeke ngosizo lokuqala kubafundi bezikole ezimbili zamabanga aphansi abebephelelwa umoya ngenxa ye-teargas ebisetshenziswa ngamaphoyisa ukuhlakaza ababhikishi.

“Abafundi baqale ukukhwehlela nokuthimula. Abanye baba nesiyezi. Sibayise emakilasini sabanika namanzi,” kusho umzali uZukiswa Minto.

UZonwabele Kate, usihlalo wesigaba sokuqala nesesibili, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Abahlali bathukuthele ngoba bebona ukuthi uBhanga akabathatheli ekhanda.”

UKate uthe selokhu kwasungulwa le ndawo ngowezi-2018 babhekene nobunzima ngogesi.

“Njalo uma becela ugesi batshelwa ukuthi le ndawo igcwele ngokweqile futhi awukho ugesi ongafakwa,” esho.

“Besilokhu sicela umasipala kusukela ngowezi-2019 ukuthi afudusele abahlali besigaba sesibili nesesithathu esigabeni sesihlanu.”

UKhansela uPlaatjies uthe bazama ukuthi imeya “ihlangane nabahlali ngokuphuthumayo”. 

Izihloko zakamuva