Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Lokhu kulandela ingqophamlando yomhlangano obuphakathi kwabaholi base Thembezinhle nezikhulu zomshwalense i-Metropolitan Life obubanjelwe e-Ballito nokuyilapho okusayinwe khona lesi sivumelwano sikamasingcwabisane.
INkosi uPhinda Shembe uthe lo masongcwabisane awuzukuba owamakholwa aseThembezinhle kuphela kodwa uvumela wonke amaNazaretha ukuba awujoyine.
“Esikwenzile lapha ukuthi i-Metropolitan izokwenza izinto ngokwemigomo yethu yasebandleni yokungcwaba ngokuhlonipha inkolo yethu namasiko esiphila ngaphansi kwawo. Kuyaziwa ukuthi amaNazaretha angcwaba ngesikhumba senkomo, okusho ukuthi asilisebenzisi ibhokisi,” kusho iNkosi uPhinda.
Oyisikhulu sakwa-Metropolitan Life uMnuz David Mavukani uthe benze isiqiniseko ukuthi umasingcwabisane wabo uzohambisana nenqubo yamaNazaretha ukuze bahloniphe indlela okungcwatshwa ngayo amalungu ebandla.
Uqhube wathi okunye ukuthi umasingcwabisane wabo usukhandelwe ukuvumela amadoda ebandla nesithembu ukuba akwazi ukufaka amakhosikazi awo ngobuningi.
“Lobu budlelwano abuzukugcina njengomasingcwabisane kodwa amaNazaretha azokwazi ukuhlomula ngokwemalimboleko neminye imikhiqizo ezothuthukisa abantu bakithi ngokwezomnotho,” kusho uMavukani.
Uthe bakushayela ihlombe ukusebenzisana nebandla elingelinye lamakhulukazi eNingizimu Afrika njengelamaNazaretha.
