Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ayaveva amaNazaretha ngowesifazane okuthiwa uyintombi yeSilo uMisuzulu kaZwelithini ngokubahlaza waphazamisa umcimbi wokwembulwa kwesichuse seLembe uShaka kaSenzangakhona ngoLwesine ngenxa yesikhwele.
Abaholi bebandla bathi bafuna lona wesifazane oyilungu lika-14 eBuhleni aqondiswe umkhokheli wakhe ngoba wehlise ngisho isithunzi soNyazi lweZulu.
Okhulumela ibandla lakwaShembe eBuhleni uMnuz Thokozani Mncwabe uthe kunendlela abesifazane bebandla abaziphatha ngayo ngakho lokhu abakubonile kuyichilo.
“Ngisho Unyazi LweZulu lulimele ngokuziphatha budedengu kwale nkosazane. Yingakho sifuna umkhokheli wayo ka-14 ayithathele izinyathelo,” kusho uMncwabe.
NgokwamaPhoyisa lona wesifazane ugcine engaboshwanga ngemuva kokuba kuvele ukuthi udaba lwakhe lusingethwe ihhovisi likazwelonke lakwa-SAPS ngokudala ubungozi phambi kukaMengameli uCyril Ramaphosa neSilo uMisuzulu KaZwelithini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netsheunda uthe udaba lusingethwe kuzwelonke wathi akuthintwe uBrigadier Athlenda Mathe.
UBrigadier uMathe uthe alikho icala abalivulele lona wesifazane.
“Alikho icala elivulwe amaphoyisa ngodaba lwalona wesifazane,” kusho uBrigadier Mathe.
Umthombo we-Scrolla.Africa udalule ukuthi lona wesifazane ungusomabhizinisi ohlonishwayo eThekwini onenkampani yokuqashisa ngezimoto.
Udalula ukuthi iSilo kwakufanele siyolala e-Beverly Hills eMhlanga lapho okwakukhona noNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi kodwa sanquma ukuya kwi-Villa e-Ballito sayochitha isikhathi nale ntokazi elingakaqinisekiswa igama layo nesibongo.
“Lo muntu uhlonipheke kabi kodwa ugajwe isikhwele ngoba iSilo sivuke samshiya e-Ballito kwathi ngemuva kwalokho asangabe sisalubamba ucingo lwakhe nobekungasazeki noma sivale izingcingo zayo yini inombolo yayo. Kwenzeke lokhu nje lona wesifazane ubevele engafuni iSilo siye emcimbini kaShaka ubesibamba efuna ukuhlala naso imini yonke. INgonyama ngesikhathi ibona ukuthi uselele, yavuka yanyonyoba yahamba,” kusho umthombo.
Uqhube wathi ngesikhathi evuka ebona iSilo singekho eduze kwakhe nocingo luvaliwe, wavuka wangena emotweni yakhe eyi-Mercedes Benz engafake ngisho izicathulo waqonda eKing Shaka International Airport.
Umthombo uveza nokuthi lona wesifazane ubethukuthele ifuna ukuzogasela iNdlulamithi khona eKing Shaka kodwa wavinjwa ngoba ubengazifakile izinto ezimgunyaza ukuba angene.
“Kuthe ngemuva kwalokho wahamba wayopaka ngasenkundleni obekuhlelwe khona izikhulumi zosuku. Yilaphoke apake khona imoto wahlaba ngonyawo wazingenela enkundleni waqonda ngqo. Futhi-ke umthakathi wezindaba loya, ubezofike iSilo asinqasabule phambi kukaRamaphosa njengoba ebeshaya ngisho amaphoyisa ngoba ubedinwe kakhulu,” kuchaza umthombo.
Lo mthombo uveze nokuthi le ntokazi inomusa ngoba ikeyacela umngani wayo ukuba ayishayelele iMercedes Benz yayo kuyiwa emhlanganweni wamaNazaretha obuseNtabazwe e-Free State.
Ngesikhathi inqabashiya ifuna ukugibela ngenkani lapho obekuhleli khona iSilo ibimemeza ithi ifuna ukubona “ubaby” abayiyeke.
Abanye babecabanga ukuthi ifuna uNdunankulu kaZulu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi noma uMengameli uCyril Ramaphosa noma uMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa noma uNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli noma uNgqongqoshe uMtomuhle Khawula okuyibo ababehleli eduze kweSilo.
Lapho abesifazane abaningi bebephatheke kabi ngoba iphini leMeya yaseThekwini uNksz Zandile Myeni lizwakale litshela uNgqongqoshe wezeMpilo eKZN uNkk Nomagugu maSimelane-Mngadi lithi mhlampe intombazane inemimoya abahambe bayoyikhulekela.
Ngaleso sikhathi odadewabo beSilo kuthiwa babethi akasiyo inhlobo yeSilo uMisuzulu abayaziyo kwabesimame abethandana nabo.
UNdlunkulu uNomzamo kaMyeni kuthiwa ubeseqhuma intukuthelo ecikwa ukubona le ntokazi.
Imizamo yokuthola okhulumela iSilo uMntwana uSimphiwe Zulu wakwaMinyamanzi ayiphumelelanga.
