Amanani aphezulu okudla aqeda umoya woBuntu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

ULinda Mveni uthi umndeni wakhe awusakwazi ukuthenga i-peanut butter, amaqanda noma inyama ngaphezu kokuphindwe kabili ngesonto.

Umama wasePhilippi uthi amanani okudla aqeda umoya woBuntu njengoba abantu bengasakwazi ukunakekela izivakashi.

Ukwenyuka kwezindleko zokuphila kuyawulimaza umndeni kaLinda Mveni, umama wezingane ezimbili wasePhilippi East eKapa.

Uthi umndeni wakhe awusahambi uyothenga u-ice cream noma udle inyama njalo ngoba amanani alokhu enyuka.

“Siwumndeni omncane, kodwa angikwazi ukuthenga yonke into ebesiyithenga,” kusho uMveni. “Yonke into iyabiza.”

Inyanga ngayinye usebenzisa u-R3,000 ukuthenga igilosa, u-R800 ukuthenga ugesi, u-R1,500 wemoto yesikole no-R1,000 kwikhava yomngcwabo. Kodwa nalokho akwaneli ngokwanele.

“Igilosa ewu-R3,000 ayihlali inyanga yonke. Sike sanciphisa izinto ezithile, kodwa ayizange yonge imali,” kusho yena.

Umndeni wakhe uyekile ukuthenga i-peanut butter, i-French polony, amaqanda, utamatisi kanye ne-tomato sauce.

“Sibuyela ezinsukwini lapho izinto ezifana nemayonnaise ne-Ultramel kwakuthengwa ngoKhisimusi kuphela,” kusho yena.

Manje sebedla inyama kabili nje ngesonto. Umyeni wakhe usebenzisa imali engaphezu kuka-R1,000 ukuya emsebenzini,ngakhoke iba ncane imali abasala nayo.

“Amanani aphezulu abulala umoya woBuntu,” kusho uMveni.

“Abantu abasakwazi ukunakekela izivakashi bavele banikeze amanzi esikhundleni sekhofi noma ijusi.”

Wesaba ukuthi izinto zingase zibe zimbi kakhulu. “Uma amanani elokhu ekhuphuka, kuzodingeka sidle kabili kuphela ngosuku. Izingane zami seziyekile ukuphatha ukudla esikoleni,” kusho yena.

Esithombeni esingenhla: Isidlo sasebusuku somndeni.

Umthombo wesithombe: Pexels

Izihloko zakamuva