AmaMpondo ahlonipha uWinnie

Zukile Majova

Kube nomukikizo, ingoma kanye nomdanso eMampondweni ngenkathi uMasipala waseMbizana utshintshwa ubizwa nge- Winnie Madikizela-Mandela Local Municipality, okungolunye ushintsho lwamagama futhi olwenziwe nguhulumeni.

Ngokungafani nezehlakalo eziningi ezweni lapho izinguquko zamagama eziphoqelelwa nguhulumeni kazwelonke zidala ukwahlukana kwezepolitiki, ngokobuhlanga kanye nangobuzwe emiphakathini, abantu baseMbizana bakwamukelile ukuqanjwa kabusha kukamasipala wabo.

Bebengeke bahlale bengajabuli, njengoba leli qhawe lomzabalazo ekuqanjwe ngegama lalo, lazalelwa kwesinye sezigodi zasendaweni, eMbhongweni, lapho sakhulela khona eNdlunkulu yesizwe sakwaMadikizela ngaphambi kokushada nowaba ngumengameli wokuqala wentando yeningi uNelson Mandela, owayengowasebukhosini baba-Thembu e-Mtata.

Kanti futhi iboma abantu baseMbizana uqobo abakhethe igama elisha likamasipala wabo ohlwini lwamagama abebekiwe, kufaka phakathi amagama emifula nezintaba zasendaweni ezidumile.

Lo mphakathi uphinde wavuma ukuhlonipha owayenguMengameli we-ANC Women’s League, yize iqhawe lomzabalazo u-Oliver Reginald Tambo naye ezalwe futhi wakhulela eMbizana.

UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu uNkosazana Dlamini-Zuma ubonge imiphakathi eyehlukene ngenguquko enokuthula wanxusa namakhansela ukuthi alwele ukuphatha ngendlela elungile izimali zikahulumeni.

“Umama uWinnie wayemuhle futhi enomusa. Futhi sifuna lo masipala ulingise lezi zimfanelo ngokungazibandakanyi nenkohliso kanye nenkohlakalo.

“Futhi ubehlala esaba ukuphoxa abantu bakithi. Ngakho-ke nsuku zonke siyethemba ukuthi nizokwenza konke okusemandleni enu ukusebenzela le miphakathi.

“Nilwele ukudala amathuba emisebenzi kulendawo ukuze abantu bangayi eGoli ukuyofuna umsebenzi.”

USixolile Mehlomakhulu, imeya kaMasipala wesiFunda i-Alfred Nzo obhekene nomsebenzi wokuhlinzeka ngamanzi nezinye izinsiza emiphakathini yaseMbizana, uncome imiphakathi ngokulwa nesiko lasendulo lokuganisa amantombazane asemancane emadodeni amadala esifundeni.

“Kuke kwaba nezikhathi ezithile lapho imindeni iphoqa izingane ukuthi zishade namadoda amadala.

“Siyajabula ukuthi lokhu akusenzeki njengoba izingane zinelungelo lokuthola imfundo.

“Abantu abadala nabo asibakhohliwe njengoba silethe imishini eminingi yokuthunga kanti bazofundiswa kabusha ukuze bakwazi ukuziphilisa.”

Ukuphoqa ushintsho lwamagama emiphakathini kudale ukungqubuzana okusha phakathi kwabahlali base-Port Elizabeth nase-Uitenhage ngemuva kokuthi amadolobha abo eqanjwe amagama i-Gqeberha kanye ne-Kariega.

Izihloko zakamuva