Moyahabo Mabeba
Osolwa ngokuthumba obezama ukuthumba intombazanyana efunda ibanga lesithathu, kodwa wabanjwa ngamalungu omphakathi e-Limpopo ubhekene nelinye icala lokuthumba namacala amabili okudlwengula.
UMichael Masemola – obesebenzisa amagama amaningi – uvele eNkantolo yeMantshi yase-Moutse e-Sekhukhune, e-Limpopo, mhla ziyi-15 kuMfumfu ngecala lokuzama ukuthumba intombazanyana eneminyaka eyi-10 ubudala ngoNtulikazi.
UMasemola uboshwe ngesonto eledlule, mhla ziyisishiyagalombili kuMfumfu, ngesikhathi ezama ukuthumba umfundi webanga lesithathu esendleleni eya esikoleni samabanga aphansi e-Matshipe. Umzamo wakhe uphazanyiswe ngamalungu omphakathi ahlenge le ntombazanyana.
Abahlali ebebethukuthele begane unwabu bakhiphe ulaka lwabo kuye ngaphambi kokuthi kufike amaphoyisa.
Ngesikhathi eboshwa uMasemola uzibize ngoMandla Moganedi.
Umhlali wase-Moutse uthe kube nzima ukuthi amalungu omphakathi namaphoyisa akwazi ukubona nokuthola uMasemola ngoba uhamba ezibiza ngamagama ahlukene.
Uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Mtujana e-Siyabuswa ngoLwesithathu ngelinye icala lokuthumba. Uphinde wabekwa icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nempahla eyebiwe.
Yize echithe isikhathi esiningi ezungeza izigodi ezakhele i-Moutse, bekungakadalulwa ukuthi uMasemola udabuka kuphi.
UMamakgane Lentsoane, umhlali obeyingxenye yesixuku esibambe uMasemola ngesikhathi ehluleka ukuthumba intombazanyana, uthe sekuphele iminyaka emithathu embona endaweni yase-Moutse.
Yize eke wahlangana futhi wabingelela uMasemola, akakabuboni ubuntu bakhe bangempela.
“Yize ebukeka emsulwa futhi ehlezi ethule, unembeza wami ubulokhu ungitshela ukuthi le ndoda ayilungile,” kusho uLentsoane.
“Uhlezi esendaweni lapho okudlala khona amantombazane amancane, nasezindaweni ezisemaphethelweni esigodi. Kuthe uma sibizwa kuthiwa kunowesilisa obezama ukuthumba ingane ngase ngimbona, kuqinisekise izinsolo zami”.
UWarrant Officer Namudi Mashabela wamaphoyisa ase-Moutse, ophenya icala lokuthumba, uthe uphenyo lwakhe lumatanisa uMasemola namacala amaningi.
“Ngaphandle kwecala lokuzama ukuthumba, umsolwa umataniswa nezigameko ezimbili zokudlwengula e-Motetema. Uphinde abhekane namacala amaningi okutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi zebiwe nesibhamu esingekho emthethweni,” esho.