Celani Sikhakhane
Umntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi usephinde wahlasela amalungu omndeni waseNdlunkulu aqhubeka nokugcizelela ukuthi iSilo Samabandla uMisuzulu kwakungeyona indlalifa esemthethweni yesihlalo sobukhosi bakwaZulu.
“Ngisolwa ngokweseka iSilo Samabandla uMisuzulu nokuphoqa umndeni wasebukhosini ukuba umeseke,” kusho uButhelezi ngoLwesithathu.
“Ngicabanga ukuthi abaphilile, ngokomqondo,” esho ebhekise kulabo abaqhubeka nokuphonsela inselelo ukubusa kweSilo Samabandla uMisuzulu esihlalweni sobukhosi, phakathi kwabo kukhona izelamani zeSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu owakhothama ngoNdasa kulo nyaka.
Kodwa-ke uButhelezi, onguNdunankulu wendabuko ebukhosini bakwaZulu kanye nesizwe samaZulu, uthe abagxekayo bashalazela iqiniso lokuthi isiphetho seSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini sokuba Inkosi yesizwe samaZulu kwaziwa ngesikhathi efika emhlabeni.
Lokhu bekungakhathalekile ukuthi ikhona yini incwadi yamafa ebhalwe ngokucacile ngalokhu ngesikhathi kukhothama iSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu, kuchaza umntwana kaPhindangene.
UMntwana kaPhindangene, ophinde aziwe kakhulu ngoButhelezi, ubekhuluma eNquthu KwaZulu-Natali, ngesikhathi kwethulwa inkundla yezinkulungwane zamarandi ngoLwesithathu.
Ngokwesiko lobukhosi bakwaZulu, indodana eyizibulo leSilo Samabandla uZwelithini KaBhekuzulu kanye nonkosikazi wayo ongasekho owayeyibamba leNkosi iNdlovukazi uMantfombi kaSobhuza, ibizogcotshwa njengenkosana ezokhuphukela esihlalweni sobukhosi uma sekukhothama uyise, njengoba kwenziwe eNkosini yamaZulu iSilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini.
UButhelezi wengeze ngokuthi ilobolo lowayeyibamba leNkosi iNdlovukazi uMantfombi kaSobhuza lakhokhwa isizwe samaZulu, okwakuwubufakazi obengeziwe bokuthi wayelindelwe ukuthi abelethe iSilo esilandelayo esizohola isizwe samaZulu.
Incosana yamalungu omndeni wasebukhosini bakwaZulu isola uButhelezi ngokuyalela ukuthi ngubani okufanele abe iSilo Samabandla. Kodwa uNdunankulu wakwaZulu osekhulile ngeminyaka ukuchithile lokhu. Kodwa-ke bathi bazoqhubeka nokuphonsela inselelo ngokuhlala kweSilo Samabandla uMisuzulu esihlalweni sobukhosi, njengoba besamile ekutheni akumele ahlale esihlalweni.
ISilo Samabandla uMisuzulu kuthiwa wadliswa ushevu ngoMandulo ngesikhathi kugujwa usuku lwakhe lokuzalwa eMhlanga, emaphethelweni eTheku.