Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Amalungu ebandla i-Assemblies of God elokishini laseNew Brighton, eGqeberha, aqhubekile nokukhuleka ngesikhathi kubanjwa inkunzi enkonzweni yawo yemvuselelo yamasonto onke ngoMsombuluko ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa uthe amadoda amane abehlomile agasele esontweni cishe ngo-19:20.
“Kuthe ibandla likhuleka kwangena amadoda amane abehlomile esontweni adubula emoyeni, aphuca abazalwane izimpahla zabo, okubalwa omakhalekhukhwini abane, ilaptop eyodwa nesamba semali esingadalulwanga ngaphambi kokuba babaleke,” kusho uMawisa.
Ividiyo esabalaliswe ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa amalungu ebandla elele ebheke phansi ngesikhathi izigebengu ziwasesha zifuna izinto ezibalulekile.
Ilungu lebandla elingathandanga ukudalulwa lithe ukugetshengwa akuzange kunyakazise ukholo lwabo.
“Umfundisi ubeqeda intshumayelo yakhe sezwa kuqhuma isibhamu, kwangena amadoda amane, eyodwa ephethe isibhamu esisiliva. Aqala athatha izimpahla zethu ngamunye ngamunye. Saqala sakhuleka sonke, okubonakala kubenza bathuka,” kusho leli lungu litshela i-Scrolla.Africa.
Amanye amalungu azamile ukulandela izigebengu ukuze abone imoto abezibaleka ngayo, kodwa omunye wezigebengu udubule okwesibili, wabayalela ukuba babuyele ngaphakathi.
UMbhishobhi Sandile Mzantsi uthe izinkonzo zemvuselelo zamasonto onke zizoqhubeka.
“Sizoqhubeka nokukhuleka nokukhonza uJehova. Lesi yisizathu esikhulu sokuqhubeka nokuthandazela imiphakathi yethu,” usho kanje.
Isithombe esingenhla: Ibandla i-Assemblies of God eNew Brighton, eGqeberha.
Umthombo: Sithunyelwe