Lungani Zungu
Imeya yaseThekwini uMxolisi Kaunda ingazithola ingaphandle ngemuva kokhetho lohulumeni bendawo njengoba uThabani Nyawose emi eduze kwakhe elindele ukuthatha isikhundla esiphezulu.
UKaunda usevele ungene emabhukwini amabi alabo abaseka uMengameli uCyril Ramaphosa ngemuva kokukhuluma esidlangalaleni wathi weseka owayenguMengameli uJacob Zuma ngesikhathi ezoboshwa ngoNtulikazi.
Umbhikisho wokuzitapela ezitolo wenzeka isonto lonke washiya abantu abangama-300 beshonile kanti abalandeli bakaRamaphosa babedinwe begane unwabu.
Ifu elimnyama elilenga esikhundleni semeya uKaunda likhombisa ukuhlukana phakathi kweqembu le-ANC njengoba kukhona abeseka uRamaphosa abanye baseka uZuma.
UNyawose ongumphathi wophiko lwezokuhlalisa abantu edolobheni futhi oweseka uRamaphosa, ukwinombolo yokuqala ohliwini labantu abazongenela ukhetho eqenjini le-ANC eThekwini, kanti lokhu kumvulela indlela yokuba imeya yaseThekwini elandelayo uma iqembu elibusayo lizuza amavoti amaningi kulokhu edolobheni mhla zi-1 kuLwezi.
Okusengcupheni imali yesabelomali eyizigidi ezi-56 zamarandi.
Ungomunye wamalungu e-ANC amaningi KwaZulu-Natali afulathela uZuma ukuze aseke uRamaphosa.
Osondelene noKaunda, uThabiso Msweli, uthe kusungulwe isu lokuba babhekane naye ngenxa yokuchema noZuma.
“Siyazi ukuthi abaseka uRamaphosa bafuna ukumkhiphela ngaphandle ngenxa yokuba wachema noZuma,” kusho uMsweli.
“UKaunda sebevele bamkhipha inyumbazana labo ayengamaqabane nabo abaseka uRamaphosa.”
URamaphosa ubelokhu eqinisa isandla sakhe esisekelweni sakhe sokweseka inqubomgomo yeqembu ke-ANC kanye nesifundazwe selokhu angena esikhundleni sokuba uMengameli ngonyaka wezi-2018.
UKaunda wayenguNgqongqoshe wezithuthi, owezokuphepha komphakathi kanye nokuxhumana kusukela ngonyaka wezi-2016 kuyela kunyaka wezi-2019 lapho angena khona esikhundleni sikaZandile Gumede.
UNyawose unqabile ukuphawula ngesikhathi ethintwa, ethi umatasa ukhankasela iqembu le-ANC njengoba kuza ukhetho.
Asikwazanga ukuthola uKaunda njengoba ifoni yakhe ibikhala ingabanjwa yasifaka ku-Voicemail.