Sibonelo Zwane
Abantu abangu-42 abasolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokudutshulwa kwabantu abaningi e-International Pentecostal Holiness Church (IPHC) eGoli ngoNtulikazi ngo-2020 bafake ummeli wabo enkantolo.
Amalungu amahlanu ebandla adutshulwa abulawa ngoNtulikazi ngo-2020 ngesikhathi iqulu lamadoda ayehlomile ligasela ekomkhulu e-Zuurbekom.
Kukholakala ukuthi ukubulawa kwalaba kube wumphumela wombango wobuholi ngaphakathi ebandleni. Amadoda angu-42 athweswe icala lokudubula nawo aye ngamalungu ebandla elingelinye lamabandla amakhulu ezweni.
Abasolwa abangu-42 umuntu ngamunye bakhokhela ummeli wabo u-Advocate Norman Maluleke u-R5 000 ukuze abakhokhele ibheyili. Kodwa-ke namanje abasolwa basavalelwe ejele futhi bathi uMaluleke akakaze awukhokhe u-R210 000.
NgoMasingana icala labo liye lahoxiswa ngenxa yokushoda kobufakazi abasolwa badedelwa.
Ngemuva kwezinyanga eziyisithupha, kuthiwa u-Advocate Maluleke akakayibuyisi imali okwakuhloswe ngayo ukukhokhela ibheyili yala madoda angu-42.
La madoda asevulele ummeli wawo icala ukuze abuyise lokho abakholelwa ukuthi ubakweleta khona.
Ngaphambi kokuthi ummeli avele eNkantolo yeMantshi yase-Westonaria ngoLwesine, amalungu ebandla afike ngamabhasi amathathu ezokweseka amalungu ebandla asola ummeli.
Bebebuthene ngaphandle kwenkantolo kanti amalungu abo amaningana asabise amalungu omphakathi nabezindaba ngokuthi bengalinge besondele kubo noma bezame ukubathwebula izithombe.
UMaluleke ubemmelwe uzakwabo u-Advocate Zola Majavu omchaze “njengomuntu ohloniphekile, owayeyimantshi kanye nommeli”.
U-Advocate Majavu utshele inkantolo ukuthi uMaluleke uyindoda yomndeni ehlonishwayo futhi akeneme ngalezi zinsolo.
“Iklayenti lami lisabela impilo yalo futhi lisongelwa inqwaba yamadoda abuthene ngaphandle kwesango lenkantolo. Linovalo lokuthi lokhu kuzolimaza isithunzi salo njengelungu elihlonishwayo kwezomthetho.”
UMaluleke uzophinde avele eNkantolo yeMantshi yase-Westonaria ngomhlaka-15 kuMandulo ukuze kuzoqinisekiswa usuku lokuqulwa kwecala.
I-IPHC ike yaba sematheni eminyakeni yakamuva ngenxa yengxabano eqhubekayo kusukela kwashona umholi wayo uGlayton Modise ngo-2016.
Izinhlangothi ezintathu – ibandla laseJerusalema eliholwa uMichael Sandlana, ibandla likaLeonard Modise elikomkhulu e-Zuurbekom kanye nebandla laseTshepiso – bonke bathi yibona okufanele bahole.