Celani Sikhakhane
Amalungu e-NFP ne-IFP ashone ngaphambi kokhetho awine amawadi obekubhekwe lukhulu kuwo kumasipala waKwaNongoma, e-Zululand.
Ongasekho owayengenele ukhetho lwe-NFP kuwadi ye-17, uDumisani Qwabe, uphumelele ngamavoti kuzona zonke izifunda zewadi yakhe. Kulindeleke ukuthi umngcwabo wakhe ube ngale mpelasonto ezayo.
UQwabe wadutshulwa ngoMfumfu mhla zingama-26 kanti imoto yakhe yashiswa ku-R66 phakathi koPhongolo noNongoma.
Ngemuva kokubalwa kwamavoti ngoMsombuluko ebusuku, kube sekuvela ukuthi uwinile.
Lolu khetho lubuyisele i-NFP kwipolitiki yaKwaZulu-Natali ngomsindo omkhulu. Iqembu likwazile ukubuyisela umasipala we-ANC eDumbe e-PaulPietersburg.
Khonamanjalo kuwadi ye-20 KwaNongoma uMnumzane Zamani Sibiya ongasekho obengenele i-IFP, oshone ngemuva kokugula ngaphambi kokhetho, naye uwine iwadi yakhe.
USibiya ubengomunye wabalandeli be-IFP abebeyintandokazi KwaNongoma kanti ungcwatshwe ngesonto eledlule.
Lama wadi womabili manje kulindeleke ukuthi abambe ukhetho lokuchibiyela ngemuva kokudlula emhlabeni kukaSibiya noQwabe.