Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kudingeke ukuthi sikhishwe kwisishayamthetho izikhulu zokuphepha ngoLwesihlanu ngesikhathi sethula inkulumo yesifundazwe e-KZN.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu enkundleni ye-Oval Cricket, eMgungundlovu ngesikhathi uNdunankulu uNomusa Dube-Ncube ethula khona inkulumo yakhe yokuqala yesifundazwe.
UNdunankulu uphoqeleke ukuthi ahlale ngemuva kokubingelela.
I-EFF iphazamise uNkk Dube-Ncube yafuna uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa komnotho kanye noSihlalo we-ANC esifundazweni uMnu Sboniso Duma kube nguyena ozokwethula inkulumo.
“UNdunankulu unamanga,” kusho uMongezi Twala onguSihlalo we-EFF e-KZN. “Waya ePhalamende likazwelonke waqamba amanga esizweni.
“Uthi zonke izisulu zezikhukhula sezilungiselwe izindawo zokuhlala. Sikhuluma nje labo bantu babekwe ezindaweni ezingenampilo ebhishi e-Durban South. Izingane zabo azikwazanga ngisho nokuya esikoleni.”
UTwala uthe uDube-Ncube uphethwe nguDuma.
Kuthe ngesikhathi isimo siba muncu ngaphakathi, kwangena abezokuphepha beSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini nabeluleki bakhe bamkhipha bahamba naye.
Bekungokokuqala ngqa selokhu kwaqala umbuso wentando yeningi ukuthi iSilo siphume kwinkulumo yesimo sesifundazwe.
Kusukume amanye amalungu e-ANC esishayamthetho asabisa i-EFF ngesibhakela.
USomlomo uNontembeko Boyce ubize uSayitsheni kanye nabezokuphepha besishayamthetho ukuba bangenelele, kodwa i-EFF yabahlula.
UBoyce kudingeke ukuthi amise indlu imizuzu eyishumi, wabiza amaphoyisa ukuthi akhiphe amalungu e-EFF, ukuze kuqhutshekwe kwethulwe inkulumo yesimo sesifundazwe.
Isithombe esingenhla: ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kanye noNdunankulu uNomusa Dube-Ncube befika kwinkulumo yesifundazwe.
Umthombo: UCelani Sikhakhane