Amalungu e-ANC ne-IFP aqinele iMK ejatshuliswa ubambiswano

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-ANC ne-IFP bahlanganyele uMkhonto wesizwe eMzumbe ngoba bethi sebephethe uhulumeni wesifundazwe ngokubambisana.

Lokhu kugqame ngesikhathi kuqhubeka imikhankaso yokhetho lokuchibiyela obelusemawadini ayisithupha nolugcine ngokuthi i-MK ithole iwadi elilodwa.

Amalungu kaKhongolose nawe-IFP ayexabene kuza ukhetho lukazwelonke abonakale egxuma gxuma ndawonye ethi wona asephethe izifundazwe ngokubambisana.

Ngisho amabhodi okukhankasa bebewaphatha ndawonye kuheleza umoya wobumbano.

Kunezishoshovu ezaziwayo eMzumbe zikaKhongolose neze-IFP okuthiwa bezingasabhekani kuza ukhetho.

Kodwa uma ubuka ividiyo zicula ndawonye zizezisho nokuthi ipolitiki ungayithathi ngenhliziyo ngoba akuyona eyedlozi lakho.

Omunye walezi zishoshovu obizwa ngoSitufuza noma uPhilly Oyisidudla wake wangena eyisishingishane ehola i-IFP bebheke etendeni likahulumeni owawuholwa uNkk Nomusa MaDube-Ncube okwakuyiMbizo.

Wabona abaholi be-ANC bephisana ngezikibha zikaKhongolose kulo mcimbi kuhulumeni wavele wadinwa walanda aboMkhonto nabe-IFP ne-EFF bafika sebedlubhe ezabo bephazamisa umcimbi kahulumeni.

Kodwa ngemuva kwesivumelwano ufike esehola i-IFP ehambisana nezishoshovu zikaKhongolose ewadini lesi-19 bekikiza bethi sebephethe isifundazwe ngokubambisana. Kubonakale umoya wobumbano kula maqembu yize ebengabhekani kuza ukhetho lukazwelonke.

Izihloko zakamuva