Lungani Zungu
Okungenani amalungu angama-30 abengamalungu e-ANC KwaZulu-Natali, okubalwa nelungu lesikhathi eside leqembu eliphinde libe ikhansela uRachel Sobbiah, aphumile eqenjini elibusayo aya ku-Democratic Alliance.
USobbiah nguyena ovelele phakathi kwamalungu e-ANC akade emukelwa ngumholi we-DA eKZN uFrancois Rodgers eThekwini ngoLwesithathu.
USobbiah waqokelwa esigungwini esiphezulu se-ANC Youth League (i-NEC) ngowezi-2011 futhi kamuva waba yikhansela le-ANC eMsunduzi.
Ushiye i-ANC ngenxa yokuthi iqembu selichuzukile egunyeni lalo lokuguqula isimo sabantu baseNingizimu Afrika abanhlwempu, esho.
“Ngicabanga ukuthi i-DA yiqembu elibeka phambili intshisekelo yabantu baseNingizimu Afrika. Lesi yisona sizathu esenze ukuthi ngishiye i-ANC ngijoyine i-DA”.
Uthe kuyamjabulisa ukujoyina i-DA.
“Lesi yisahluko esisha kimi nakumsebenzi wami wezepolitiki kanye nesifiso sami sokushintsha izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika,” esho.
Wonke amalungu angaphambilini eze ehhovisi lesifundazwe le-DA eThekwini egqoke izikibha ze-ANC. Ngokuhamba kwesikhathi akhumule izikibha agqoka izikibha zeqembu le-DA.
Khonamanjalo, iPhini likaNobhala-Jikelele we-ANC uJessie Duarte umemezele ukuthi iqembu lizongenela ukhetho kubo bonke omasipala abangama-257.
Leli qembu ekuqaleni lihlulekile ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wokuletha uhlu lwabazongenela ukhetho, kodwa lithole elinye ithuba ngenkathi iKhomishini Ezimele Yokhetho (i-IEC) ivula uhlelo kabusha.