Amalungu amabili e-MK abulawe elwa ne-ANC

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kubulawe amalungu amabili oMkhonto Wesizwe (MK) eKatlehong ngeSonto ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGauteng uLieutenant-Colonel Brigadier Brenda Muridili uthe amaphoyisa aseGauteng abophe umsolwa oyedwa ngezinsolo zokubulala abantu ababili eKatlehong North ngomhlaka-26 kuNhlaba.

“Kubikwa ukuthi amalungu amabili enhlangano yoMkhonto Wesizwe adutshulwe abulawa ngesikhathi kunengxabano namalungu e-ANC esigcemeni saseThwala eKatlehong North,” kusho uMuridili.

“Omunye umgilwa ushonele endaweni yesigameko kwathi omunye kwathiwa ushonile ngesikhathi efika esibhedlela.”

Uthe kutholwe isibhamu esisodwa nommese endaweni yesigameko.

ULieutenant Colonel Mavela Masondo uthe kuzophenywa ngembangela yokubulawa kwabo.

“Lamacala amabili okubulala abekwe ophikweni oluphenya ngamacala abucayi kanye nodlame esifundazweni,” usho kanje.

Umsolwa uzovela enkantolo maduze.

Lesi sigameko senzeke sekusele izinsuku ezimbalwa kube nokhetho lukazwelonke ngoLwesithathu.

Ngesonto eledlule, ingane eneminyaka emihlanu ubudala yashaywa ngenhlamvu ngesikhathi amalungu e-ANC exabana namalungu e-EFF eSeshego, eLimpopo. Intombazanyana iyelulama esibhedlela.

I-SAPS itshele isizwe ukuthi izogcina ukuthula nokuhleleka ngesikhathi sokhetho.

Isithombe esingenhla: Ifulegi le-MK.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva