Amaloli amakhulu avimba izinsiza eziphuthumayo ukuthi zifinyelele kubashayeli abavaleleke eqhweni

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Abezimo eziphuthumayo basathwele kanzima ukuze bafinyelele kubashayeli abavaleleke ku-N3 phakathi kweMontrose neGoli ngenxa yamaloli amakhulu avale imigwaqo embozwe yiqhwa.

Ibamba likaNdunankulu waseKZN, uThembeni KaMadlopha-Mthethwa, utshele umphakathi ngalesi simo ngesikhathi kunesithangami nabezindaba ngeSonto.

“Kusukela ngabo-09h00 izimoto bezingakwazi ukudlula eMontrose zibheke eGoli. Amatshe eqhwa agcwele yonke indawo. Kule vidiyo zinyakaza kancane izimoto ezisuka eHarrismith zibheke eMontrose. Seluleka abashayeli ukuthi bangazami ukusebenzisa u-N3 ukuya eThekwini. NgaseShell Garage ngaseMontrose, yilapho abantu abavaleleke khona izinsuku ezimbili,” kusho yena.

Amakhulu ezimoto, okuhlanganisa namaloli asontene (jackknifed), abhajwe eqhweni, okwenza kube nzima ukuvula umgwaqo. Amaqembu abatakuli akhipha izimoto kancane kancane, okwenza le nqubo idonse isikhathi eside.

UKaMadlopha-Mthethwa uthe basebenzisana nezinhlangano ezizimele ezifana neRed Cross kanye ne-Al Imdaad Foundation ukuhlinzeka abashayeli abavaleleke ngokudla, amanzi nokudla okushisayo. Izinhlaka zezifundazwe, okubalwa kuzo iSASSA kanye noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi (DSD), nazo zihlinzeka usizo ngokushesha ngokunika imininingwane ngemindeni ethintekile.

Uphinde waphawula ukuthi abasebenzi bezenhlalakahle bakhona futhi bahlinzeka ngokusekela kwengqondo, inhlalakahle, kanye nezinsizakalo zokuvikela izingane.

U-Eskom namathimba kamasipala basebenzela ukubuyisela ugesi ezindaweni ezikhahlamezekile ngenxa yokunqamuka kwawo.

Kwabahlengiwe kubalwa namabhasi amabili abethwele abafundi bezikole zamabanga aphezulu abebesuka eThekwini belibangise eQwaqwa eFree State.

“Sisebenzisa ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu ukuqapha uxhaxha lwemigwaqo kanye nezikhungo zokulawula amakhamera akwaSANRAL. Ngeshwa i-network ayisebenzi kwezinye izindawo. Sisakhathazekile ngokuthi nakuba sekukhululwe izinkulungwane zabashayeli, abanye basabambekile,” kusho uKaMadlopha-Mthethwa.

Nansi eminye imizila ebuye yavulwa:

  • N11: eLadysmith kuya Newcastle – usuvuliwe
  • N11: Amajuba Pass – usuvuliwe
  • R33: eVryheid kuya eDundee -usuvuliwe (kodwa kunamanzi emgwaqeni eCotswold)
  • R34: eNewcastle kuya eMemel – kuvaliwe
  • R34: eNewcastle kuya eBloodriver/Vryheid – usuvuliwe
  • R33: eVryheid kuywa ePaulpietersburg – kuvuliwe
  • R34: eVryheid ukuya eMelmoth – usuvuliwe
  • R69: eVryheid kuya oPongola -usuvuliwe
  • N2: eRichards Bay kuya ePiet Retief – usuvuliwe

Abashayeli bezimoto bayanxuswa ukuthi bagweme ukuhamba kungenasidingo.

Esithombeni esingenhla: Ibamba likaNdunankulu waseKZN uThembeni KaMadlopha-Mthethwa kanye noNgqongqoshe weCogta uMfundisi uThulasizwe Buthelezi baveze ukuthi amaloli amakhulu enza kube nzima ukufinyelela kubashayeli abavaleleke ku-N3 eMontrose obheke eGoli.

Umthombo wesithombe: Zandile Shange/Ihhovisi likaNdunankulu

Izihloko zakamuva