Amalokishi aseGqeberha akhubazwe isiteleka sabashayeli bamatekisi

Mkhuliseni Sizani

Izinsuku ezintathu, abashayeli bamatekisi bama-gatvol bamise inqwaba yamalokishi aseGqeberha bebhikishela izibonelelo ze-Covid-19.

Isiteleka sishube kakhulu ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi inhlangano yamatekisi i-Norwich nayo ivala imizila yayo ngamathayi avuthayo ngokubambisana nezinye izinhlangano ezimbili. NgoLwesithathu ebusuku kushiswe amabhasi ayisishiyagalombili e-Algoa Bus Company edepho.

Isiteleka siqale ngoLwesibili ekuseni, lapho osomatekisi benhlangano yamatekisi i-Uncedo ne-Port Elizabeth District Taxi Association bevale imigwaqo emikhulu esuka emalokishini ahlukene eya enkabeni yedolobha i-Gqeberha.

Izingane zesikole zisale dengwane, izinkulungwane zabasebenzi azingakwazanga ukufinyelela ezindaweni zazo zokusebenza futhi kushiswe izimoto ezimbili ngenxa yesiteleka samatekisi, isidalwe izibonelelo zosizo ezingakhokheliwe ze-Covid-19.

Kushiswe i-Toyota Quantum evela enkampanini ezimele ne-Uber ngoLwesibili ngesikhathi iloli ebithwele ama-zinc lisaphangwa. Kuboshwe osomatekisi abayisikhombisa ngokucekela phansi ingqalasizinda.

UBulela Sumpa, osebenza njengomshayeli wetekisi, uthe,” Siyimishini nje yokwenza imali yalaba baphathi bamatekisi abahahayo nabakhohlakele. Kodwa uma kufanele basikhokhele kumele sibe nodlame.”

Inkampani i-Algoa Bus Company yamisa imisebenzi yayo nokwaholela ekutheni kuvalwe izikole emalokishini.

UThandazwa Lamani, owenza unyaka wokuqala ezifundweni zezezimali e-East Cape Midlands College kudingeke ahambe amakhilomitha amane ukuze abambe itekisi.

“Nginezinyanga ezinhlanu ngikhulelwe futhi ngihambe ngezinyawo ngisuka eVeeplaas ngiya e-Old Uitenhage Road ngiyozama ukubamba itekisi,” esho.

“Ngiphelelwe yithemba ngoba selulekwe ukuthi sizitholele izinto zethu zokuhamba. Uma singekho lokho kuthathwa njengokwehluleka.”

UYonela Sapula ofunda ibanga lesikhombisa, esikoleni samabanga aphansi iCebelihle uthe: “Sibuyela emakhaya ngoba othisha abazange befike ngenxa yesiteleka.”

U-Asavela George waseZwide, osebenza e-Korsten uthe abakwazi ngisho ukuqasha izimoto ezizimele.

“Abamatekisi abafuni ukubona abantu abangaphezu kwababili emotweni. Ngisebenza esitolo sokudayisa futhi angikhokhelwa uma ngingasebenzi.”

UColonel Priscilla Naidu usiqinisekisile lesi sigameko sebhasi: “Cishe ngo-9: 05 ebusuku kushiswe amabhasi ayisishiyagalolunye amosheka ngokuphelele edepho yase-Motherwell. Kusolakala ukuthi ngesikhathi lo nogada eqhubeka nokujikeleza kwakhe edepho, uqaphele ibhasi ukuthi liyasha. Ugijime wayofuna usizo kanti ngesikhathi ebuya, amanye amabhasi abesha. Akukho ukulimala okutholakele. Inani lemali yamabhasi ashisiwe lilinganiselwa kuzigidi eziyi-R12. Icala lokucekela phansi impahla liyaphenywa.”

Izihloko zakamuva