Amakhosikazi ebhola azochitha izigidi ukuziphephisa kumaphekula ku-Euro 2024

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Amakhosikazi nezintombi (Wags) zabadlali beqembu lesizwe lase-England kulindeleke ukuthi achithe izigidi ngezokuphepha ezizimele kuma-European Championships azoba seJalimane ngoNhlangulana.

Ngokwemibiko eminingi, abalingani babadlali bazosebenzisa u-£100,000 (R2-million) ukuqasha onogada.

Lesi sinqumo siza ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezangaPhakathi eJalimane, uNancy Faeser, ekhiphe isexwayiso mayelana nezinsongo zamaphekula ezizodala ukuba kwethulwe ukulawulwa kwemingcele “ukuze kuvinjwe abangaba abaphehli bodlame ukuba bangene kuleli.

Usongo lunyukile kulandela ukuhlasela kwababulali be-Islamic State endaweni yobumnandi i-Crocus City Hall e-Moscow, e-Russia, ngesonto eledlule lapho kushone khona abantu abangaphezu kuka-130 kwalimala amakhulu.

Amakhosikazi nezintombi zabadlali base-England, eholwa nguFern Maguire kanye noMegan Pickford, bazohlukaniselana izindleko phakathi kwentombi kaJack Grealish uSasha Attwood kanye nozakwabo kaBuyako Saka uTolami Benson ekuqasheni ababengochwepheshe bezempi kunethimba lezokuphepha le-FA.

Uhulumeni wase-UK uzibophezele ekusebenzeni neziphathimandla zaseJalimane ukudala indawo ephephile emqhudelwaneni omkhulu ozobanjelwa ezweni 

“Abalandeli bebhola ezweni lonke bayilindele ngabomvu imidlalo yasehlobo. Sisebenzisana namaphoyisa aseJalimane ukweseka umqhudelwano ophephile nongenazinkathazo,” kusho okhulumela uhulumeni, ngokusho kwe-Daily Mail.

“Ithimba lamaphoyisa ase-UK lizothunyelwa eJalimane ngesikhathi somcimbi futhi sizobe sinikeza ukwesekwa nezeluleko zokuthi kungaxhunywana kanjani nabalandeli abavela e-UK.”  

Esithombeni ngenhla: UHarry noFern Maguire.

Umthombo wesithombe: @united_mufcnews

Izihloko zakamuva