Amakhosi nebhodi leNgonyama Trust bavumelene ngokuthi akuthuthukiswe izindawo zasemakhaya ngemali eqoqwa Ingonyama Trust

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umhlangano wamakhosi nabebhodi leNgonyama Trust obuseThekwini uthathe isinqumo sokuthi imali inikezwe izizwe ukuze zikwazi ukuthuthukiswa.

Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi sekuvalwa lo mhlangano wezinsuki ezintathu oqale ngoMsombuluko.

UMnuz Siyamdumisa Vilakazi obambe njengesikhulu esiphezulu kwiNgonyama Trust Board uthe lokhu kungumgogodla iNgonyama eyayisungulelwe ukuba ikwenze eminyakeni engu-30 eyedlule kodwa yehluleka.

” Kwikhomishana ebibhekele izimali kulo mhlamgano, sivumelene ukuthi imali eqoqwa Ingonyama Trust mayinikezwe izizwe ukuba zithole intuthuko kungenzeki lento yangaphambilini yokudla imali kodwa imiphumela ingabonakali. Empeleni yinto Lena iTrust okufanele engabe kade yayenza ukuze kuthuthukiswe izindawo zamakhosi ezizwe okuhle ukuthi yilokhu esikwenzayoke manje,” kuchaza uVilakazi.

Ukusho lokhu nje amakhosi ezizwe selunesikhathi ekhala ngokuthi imali yeNgonyama Trust awayazi ukuthi yenziwani ngoba ayikaze iwasizengalutho futhi sekuxhaswa ngisho izingane ukuba ziyoqhuba izifundo emaNyuvesi kodwa ahlale ezwa ukuthi iTrust ebhekele imihlaba yezizwe zawo inezindodla zemali.


Ingonyama Trust ithola imali ngezikole,imitholampilo nezinye izakhiwo zikaHulumeni ezakhiwe emhlabeni wayo njengoba ziwurentela kuyo kanye namabhizinisi azimele.


Amanye amakhosi aseke akhala ngokuthi Ingonyama trust yenza kubenzima ukuba ahlomule kule mali uma efuna ukwenza intuthuko emiphakathini yawo ngoba kuvele kuthiwe awabhale ibusiness plan ukuthi azoyenzani le mali okuyinto ewadidayo.

UVilakazi uthe Ingonyama Trust yasungulelwa ukubhekela izindawo zamakhosi ezizwe nokuwasiza ngezeluleko nokuba imali eyiqoqayo ibuyiselwe kuzo izizwe ngokohlelo lwentuthuko.

Ingonyama Trust isikeyasolwa nasePhalamende ukuthi igweva nezigidi zemali ibukele abantu bezizwe zamakhosi behlupheka.

Lokhu kwaze kwenza ukuthi Inkosi uMandla Mandela isesephalamende iphakamise ukuba Ingonyama Trust iqedwe ngoba kubukeka sengathi imali bayazidlela amakhosi nezizwe basale bencela izithupha.
Kwavela nokuthi ngesikhathi seCovid-19, Ingonyama Trust yahlulwa ngisho ukuthengela abantu basemakhaya Jojo Tank ukuba bahlanzeke ukuze bavike lesi sifo.

Izihloko zakamuva