Amakhosi athukuthele abize umhlangano ophuthumayo ngodaba lweNkosi uShinga

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Amakhosi asebize umhlangano ophuthumayo noNdunankulu kaZulu ukuba kuzobhungwa kabanzi ngokukhishwa inyumbazana kukaSihlalo weNdlu yoMdabu nabaThwa esiFundazweni Inkosi uSifiso Shinga.

Amakhosi akhala ngokuthi izinto azihambi kahle futhi awaseneme neze ngokukhishwa inyumbazane kukaShinga akubone kuqhubeka emikhosini kaZulu muva nje.

I-Scrolla.Africa silumane indlebe namakhosi abesetheleke eThekwini ngoLwesithathu ntambama ezolala emahhotela ukuze avukele emhlanganweni okuthiwa uzoba se-Mayville, emahhovisi oMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ukuze kubhungwe ngalolu daba lukaShinga.

“Aseneme neze uma kuhlukunyezwa usihlalo wethu ngale ndlela. Sikhuluma nawe nje size emhlanganweni ozongena kusasa ngoLwesine ekuseni wokuxoxa lolu daba noNdunankulu kaZulu okunguMfundisi uThulasizwe Buthelezi. 

“Sifuna kuxoxwe nangendlela nje umnyango wakhe kahulumeni wezobuHoli beNdabuko ongasiphethe neze kahle,” kusho enye yamakhosi ezothamela umhlangano.

Amakhosi akhala nangokuthi uShinga ayishawanga nje ngesithende emikhosini yoMhlanga obuseNgwavuma nobuseNyokeni kodwa iqale ukukhishwa inyumbazane ngesikhathi kugcotshwa Inkosi uMzamo Buthelezi waseMbongombongweni.

“Baqale ukwenza lo mkhuba eMbongombongweni bakhala ngokuthi iNkosi uShinga akazukukwazi ukukhuluma ngoba isikhathi asikho. NaseMhlangeni kubeyiso leso, kwakhalwa ngesikhathi. Okusixakayo ukuthi kunenqwaba yabantu ebinikezwa ithuba lokukhuluma.

Bekunikezwa ngisho laba abatolikelwayo abebengasazi isiZulu kodwa uma sekumele kube inkosi kuthiwa isikhathi asikho. Siyakhala impela ngoba siyabona amanzi ayangena endlini,” kukhalaza enye inkosi. 

UShinga kuthiwa ishaywa ngesithende ngoba isolwa ngokuthengisa iSilo kosopolitiki ngesikhathi kwakuliwa indaba yeNgonyama Trust nowayenguNgqongqoshe uThoko MaMsane-Dididiza. 

Kuthiwa uShinga yavimba amabutho ukuba angayihambeli imbizo yeSilo eyayisoNdini, yaphinde yabhalela iNdlulamithi incwadi ithi ayihlehliswe leyo mbizo.

Izihloko zakamuva