Amakhosi alwela ukuzibekisela indawo kowamanqamu e-MTN 8

Timmy T Maranda

I-Kaizer Chiefs kumele isebenze kanzima uma isibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni womlenze wesibili wama-semi final e-MTN 8 ngeSonto e-FNB Stadium.

AmaBhakabhaka ahlule Amakhosi ngo-3-0 emlenzeni wokuqala ase ethatha inzuzo yamagoli amathathu emdlalweni wesibili.

Okumele kwenzeke ukuthi, i-Kaizer Chiefs idinga ukushaya amagoli amane ukuze ifinyelele kowamanqamu noma ishaye amathathu eqandeni ukuphoqa umdlalo ukuthi uye emaphenalithini. Uma bezuze okungaphansi kwalokho kusho ukuthi amaBhakabhaka azodlulela kowamanqamu.

Abakwa-Scrolla.Africa bakhulume nalowo owayengumdlali ovelele we-Kaizer Chiefs uDkt Howard Freese othe, isizukulwane samanje sabadlali ngeke siqhathaniswe nesizukulwane segolide sama-80s kanye nama-90s. Uthe, iqembu eminyakeni yama-80s lalinekhwalithi kuyo yonke iminyango.

“Abadlali babekulambele ukudlala ibhola. Babenothando futhi bekuthanda kakhulu abakwenzayo.

“Njalo uma sigqoke ijezi le-Kaizer Chiefs, bekuyinto enhle.

“Kodwa kule minyaka eyisithupha edlule, ngicabanga ukuthi lokho kulahlekile. Angicabangi ukuthi abadlali bamanje bayakuqonda ukuthi kukhulu kangakanani ukugqoka ijezi legolide.

“Besilihlonipha iqembu nabasekeli abaqhamuka ezweni lonke bezosithokozela,” kusho uDkt Howard Freese.

UHoward ‘The Rock’ Freese ukhumbule izinsuku zakhe zakudala emkhakheni wokudlala: “Sake sahlulwa kwi-derby ngo-4-1 sibhekene ne-Orlando Pirates. UKaizer Motaung wathi uzobhekana nathi ekupheleni kwesizini. Wathi kubadlali ‘angeke niyithole ibhonasi ngoba nihluliwe kwi-derby’”.

Khonamanjalo, i-SuperSport United engompetha abavikelayo kuzofanele inqobe ithuba lokushaya amagoli ekuhambeni uma isibhekene ne-Bloemfontein Celtic emlenzeni wesibili womqhudelwano wendebe ye-MTN 8, eDr Molemela Stadium e-Bloemfontein.

Okumele kwenzeke ukuthi, i-SuperSport United idinga ukuwina nganoma yiliphi iphuzu ebese ivimba i-Celtic ukuthi ingawashayi amagoli.

Igoli lasekuhambeni elitholwe i-Celtic emlenzeni wokuqala libanika ithuba.

AMatsatsantsa a Pitori ahlule i-Highlands Parks kowamanqamu ukuba yiqembu lokugcina elime emqhudelwaneni we-MTN 8. UBradley Grobler ushaye igoli kulo mdlalo. Umqeqeshi uKaitano Tembo nguyena mqeqeshi ohole le kilabhu kwaze kwaba semaphethelweni.

Le midlalo yomibili izoqala ngo-15h00.

Izihloko zakamuva